Induku entsha yeChiefs ivuma ingebhe ngeye-Caf

Mthokozisi Mncuseni|Published

OMUNYE wabadlali abasha beKaizer Chiefs, u-Asanele Velebayi, okuvumile ukuthi unovalo njengoba beqala iCaf Confederation Cup

Image: BACKPAGEPIX

ENYE yezinduku ezintsha zeKaizer Chiefs, u-Asavela Velebayi, ikwamukele ukuthi isithunzi samaqembu ase-Egypt emiqhudelwaneni yase-Afrika senza kudlale amadolo kuyona njengoba leli qembu laseNaturena liqala uhambo lweConfederation Cup.

IChiefs izoqala imidlalo ka-Group D weConfederation  Cup ngomdlalo onzima ne-Al Masry kusasa ngo-3 ntambama, eSuez Canal Stadium, e-Egypt.

UVelebayi (22) uzobe eqala ukudlala emqhudelwaneni wase-Afrika empilweni yakhe.

Ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba leChiefs maphakathi nesonto, lo mdlali ofike kuyona ngo-Agasti esuka kwiCape Town Spurs, uzwakalise injabulo ehambisana novalo oludalwa wumlando awaziyo ngamaqembu ase-Egypt emiqhudelwaneni yase-Afrika.

“Ngijabule ngokuba yingxenye yeqembu futhi ngiyethembisa ukuthi ngizolisebenzisa ithuba uma ngilinikwa kodwa novalo luyangibulala njengoba ngizobe ngiqala ukudlala emqhudelwaneni walolu hlobo,” kusho uVelebayi.

Kuqale kwaba nomdonsiswano ngalo mdlali ngaphambi kokuthi ajoyine Amakhosi, kwaze kwasiza ukungenelela kweDispute Resolution Chamber (DRC) yePremier Soccer League (PSL).

I-DRC ivumile ukuthi uVelebayi ajoyine iChiefs ngokukhululeka kwazise iSpurs ibingasenalo igunya lokubambelela enkontilekeni abenayo nayo emuva kokugawulwa yizembe kwiMotsepe Foundation Championship okuyiphendule ama-amesha.

“Ngijabulela ithuba lokuba kwiChiefs ngoba kwakuyiphupho lami kodwa futhi isidingo sokuqhubeka nokusebenza sisobala ngenxa yohlobo lwabadlali engiluficile.

“Bengilokhu ngizihlupha ngokuthola ulwazi ngamaqembu amabili esizoqala nawo (Al Masry neZamalek SC) ngaphuma nempendulo ekhomba ukuthi kuzoba yimidlalo enzima.

“Iqiniso wukuthi ngishaywa wuvalo uma ngicabanga umdlalo ngenxa yolwazi enginalo ngamaqembu ase-Egypt kule miqhudelwano kodwa kangisabi kakhulu ngoba ngiyabethemba ozakwethu. 

“Okufanele sikuqinisekise wukuthi kasingenelwa yigoli kulo mdlalo. Siyela iwini, yebo, kodwa okokuqala okumqoka wukuqinisekisa ukuthi kasibavumeli basidabule bashaye igoli.

“I-Al Masry kayihluke ngalutho kuwona wonke amaqembu ase-Egypt athathwa njengamakhulu ebholeni lase-Afrika ngakho-ke uvalo kumele ngilubeke eceleni."

Elinye iqembu lakuleli elidlala kwiCaf Confederation Cup, iStellenbosch FC, lizovula isigaba samaqoqo ngokubhekana ne-AS Otoho yaseCongo eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, kusasa ngo-3 ntambama.