UVilakazi uzizwa ebakweleta abeChiefs

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMDLALI osemncane weKaizer Chiefs uMfundo Vilakazi usafisa ukulenzela lukhulu leli qembu.

Image: BACKPAGEPIX

ISITHANDWA sabalandeli beKaizer Chiefs, uMfundo Vilakazi, sizizwa sinesikweletu kubadlali baleli qembu laseNaturena asebenokhakhayi oluqinile ngokusibamba ngesandla kusukela safika ebholeni elikhokhelayo.

UVilakazi (20) okhushulelwe esikimini esikhulu seChiefs ngonyaka odlule esuka kwiDStv Diski Challenge (DDC), usephenduke omunye wabadlali baleli qembu okusukuma inkundla uma bephethe ibhola kwazise usezakhele udumo ngokwenza izinto zenzeke.

Kubhekwe ukuba ifomu yakhe yakamuva iqhubeke njengoba iChiefs izodlala umdlalo wokuqala ka-Group D weCaf Confederation Cup ne-Al Masry yase-Egypt, ngeSonto ngo-3 ntambama, eSuez Canal Stadium.

Ngaphambi kokufulathela iNingizimu Afrika, uVilakazi udlane indlebe nethimba laMakhosi lezindaba ngakulindele kulolu hambo.

“Okokuqala okungijabulisayo wukuthi siqala uhambo olubheke e-Egypt ngosuku lwami lokuzalwa. Kuhle nokuthi sihamba ebusuku okunginike ithuba elikahle lokubungaza nomndeni,” kusho uVilakazi ngoLwesithathu.

“Imibhiyozo isiphelile okusho ukuthi sekufanele wonke umqondo ubheke emdlalweni wangeSonto, ozobe unzima. Kungenza ngizizwe ngikhethekile ukuthi ngithi ngimncane ngokweminyaka kodwa iqembu lihambe nami emidlalweni emqoka ngale ndlela.

“Lokhu kungikhombisa ukuthi abaqeqeshi bayangethemba okwenza nami ngifune ukubakhokhela. Ngizimisele ukuqhubeka nokulalela lokhu engitshelwa khona ukuze nokuhle kuqhubeke enkundleni."

UVilakazi uzwakalise ukujabula ngokuthi esikwatini kukhona abadlali abafana noBruce Bvuma, Lebohang Maboe, Gaston Sirino noNkosingiphile Ngcobo abalwaziyo uhambo lwase-Afrika.

UMFUNDO Vilakazi weKaizer Chiefs usephenduke isithenjwa yize esanda kukhushulelwa esikimini esikhulu

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

“Nginenhlanhla yokuzungezwa ngabadlali engibathatha njengobhuti abalokhu bangibamba ngesandla bangicathulisa kusukela ngifika esikimini esikhulu.

“Iziyalo zalaba badlali zingikhumbuza ngaso sonke isikhathi ukuthi yini eyenza ukuthi iChiefs ingikhuphulele esikimini esikhulu. Izeluleko zabo ngempilo nakho konke okudingwa wumdlali osemncane zingenza ngizizwe ngikhethekile.

“Okunye okungikhuthaza ngalo mdlalo wukuthi ngigcina ukuya e-Egypt ngabuya nendebe yegolide kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) yabaneminyaka engaphansi kwengu-20.

“Unzima umdlalo esiya kuwona kodwa kanginalo uvalo ngoba ngizungezwe ngamasosha asengikhombise kaningi ukuthi ngingathembela kuwona,” kusho uVilakazi.