UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso
Image: BACKPAGEPIX
AKAFUNI sibavale amehlo isithunzi seMamelodi Sundowns ebholeni lase-Afrika umqeqeshi, uMiguel Cardoso, njengoba bezovula imidlalo ka-Group C yeCaf Champions League neSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) namuhla ngo-3 ntambama, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
UCardoso uphendule ngale ndlela ngesikhathi ebuzwa esithangamini nabezindaba ukuthi yiliphi iqhinga azolisebenzisa kule sizini ukuwina le nkomishi esihlule iSundowns iminyaka, okushoda ngezinyanga ezimbalwa ukuthi kuhlangane eyishumi.
Kusukela iSundowns yakhonya e-Afrika ngo-2016 ebuholini bomqeqeshi, uPitso Mosimane, isiphenduke elinye lamaqembu ahlonishwayo ebholeni lezwekazi.
Nakuba isithunzi sikhula kodwa lesi sicoco ilokhu siyigeje njalo iSundowns esiguqe kweyandulela eyamanqamu amahlandla amabili kule minyaka engu-10 edlule.
Ngesizini edlule kunabakholelwa ekutheni iSundowns iyeke ithuba lokuqeda indlala ngesikhathi ivumela ukushaywa kowamanqamu yiPyramids FC yase-Egypt engenamlando kwiChampions League.
“Okokuqala okufanele sikwenze wukuzifaka umqondo wokuthi sizonqoba zonke izicoco ezibekwe phambi kwethu, hhayi ukugxila kwiChampions League kuphela,” kusho uCardoso.
“Kwabaningi kufana neculo ukuthi imidlalo kufanele siyithathe ngokulandelana kwayo kodwa siphoqelekile ukucabanga ngeLupopo kuqala ngaphambi kokuzixaka ngokunqoba iqoqo kumbe ukufika kweyamanqamu.
“Indaba yesicoco seChampions League kayimnandi kwiSundowns kwazise iminyaka ibheke kwengu-10 iyiphunyula. Yize kunjalo akufanele sikuvumele ukuthi (iChampions League) isiqwashise ebusuku.
“Wumqhudelwano omqoka nokunzima ukwamukela ukuhluleka ekugcineni kuwona njengoba kwenzekile ngesizini edlule. Okwami kufanele ukuba kubuhlungu kakhulu kwazise nangaleya sizini ngafika kowamanqamu ngangayiwina.
“Kumnandi ukuba nesithunzi e-Afrika kodwa lokhu akufanele kusivale amehlo sizithole sesiyithatha kancane eminye imidlalo ngoba lokhu kuphoxeka kweminyaka engu-10 kuzoqhubeka."
ISundowns iqala imidlalo yamaqoqo isihamba yodwa emaqenjini abethunyelwe yiPremier Soccer League (PSL) kulo mqhudelwano kulandela ukuphuma kwe-Orlando Pirates kweyokuhlunga.
Esinye sezinongo zomdlalo wukuthi iLupopo iyona ekhiphe iPirates kabuhlungu ngamaphenathi phezu kokuba iBucs yayisiwashayile amagoli amathathu ayedingeka.