UNkota uthembe uBroos ngendawo yakhe kwi-Afcon

Mthokozisi Mncuseni|Published

NAKUBA uMohau Nkota engeke esabonakala edlubhe umfaniswano we-Orlando Pirates kulandela ukujoyina kwakhe i-Al Ettifaq FC yaseSaudi Arabia kodwa ukubhekile ukumela iBafana Bafana kwi-Afcon yaseMorocco ngoDisemba

Image: BACKPAGEPIX

UKUSAYINA kukaMohau Nkota kwi-Al Ettifaq FC egijima kwiSaudi Pro League akakuboni njengesizathu esingamnyundela kuHugo Broos uma sekufike isikhathi sokuqoka iBafana Bafana ezodlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoba akazimisele ngokwehlisa endleleni adlala ngayo.

Ngempelasonto edlule, iPirates iqinisekise ukuthi uNkota usengumdlali we-Al Ettifag yaseSaudi Arabia kulandela ukusayina kuyona inkontileka yamasizini amathathu.

UNkota (20) odlale isizini esikimini esikhulu sePirates, ujoyine iligi eyaziwa ngokukhipha izindodla zemali. Lokhu kufakazelwa wukuthi eminyakeni embalwa edlule, ihehe izihlabani zomhlaba esingabala kuzona uCristiano Ronaldo, Karim Benzema, N’Golo Kante, Sadio Mane noGeoginio Wijnaldum ongukaputeni weqembu elisha likaNkota. 

Lo mdlali waseKimberly usevele usekhempini ye-Al Ettifaq esePortugal, kodwa ngaphambi kokushiya eyePirates (ikhempu), udlane indlebe noMichael Morton wakwaSuperSportBet ohamba nePirates eSpain, la icijela khona ukuqala kwesizini yeBetway Premiership.

“Ngizizwa ngikhethekile ukuthi ngihehe iqembu laseSaudi Arabia futhi kawukho umthwalo engiwuzwa emahlombe njengoba ngiya kwi-Al Ettifaq,” kusho uNkota.

“Iminyaka isangivuma ngakho-ke akukho okuningi okufanele ngizixake ngakho ngaphandle kokukhuluma ngengizokwenza enkundleni uma ngithola ithuba.

“Ngiya eSaudi Arabia ngokwazi ukuthi kumele ngamukele indlela yempilo yakhona bese ngisebenza ngokuzikhandla ukuze ngizoqhubeka nokwenza lokhu ebengikwenza ngesikhathi bebona kufanele ukuba ngibajoyine (abe-Al Ettifaq)."

UNkota uvumile ukuthi yize ehlale isikhathi esincane kwiPirates kodwa uzoyikhumbula, ikakhulukazi uRelebohile Mofokeng abebeqeda naye amaqembu ezimpondweni.

Muva nje, uNkota ubizelwe okokuqala kwiBafana njengoba ikade idlala eyobungani neTanzania neMozambique ngokwahlukana.

Ngenxa yokusondela kwesikhathi, kufanele ngabe uBroos useqalile ukucabanga ngendlela azobumba ngayo iqembu azoya nalo kwi-Afcon ezokuba seMorocco ngoDisemba.

UNkota uwabeke kuBroos amathemba akhe okuya kwi-Afcon. Akuthembisayo ukuthi ngeke alehlise izinga lokudlala elihehe lo mqeqeshi waseBelgium kuyena.

“Angikholwa ukuthi ukuya kwami eSaudi Arabia kungaba nomthelela otheni kodwa engikwethembisayo wukuthi ngeke ngehlise endleleni ebengivele ngidlala ngayo.

“Nganikwa ithuba sibhekene neMozambique, ngakhela ozakwethu amagoli amabili nengicabanga ukuthi yinto enhle kodwa ukhiye ukuBroos okunguyena othatha isinqumo sokugcina,” kusho uNkota.