INHLOKO yabaqeqeshi kwi-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou iveze ukuthi kayikholelwa ekufikeni nethimba layo ngoba lokhu kuvamise ukudala izingqinamba eziningi ezahlukene
Image: ORLANDO PIRATES FACEBOOK
UMQEQESHI omusha we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, ugonyuluke ngezizathu ezimenza angakholelwa ekutheni umqeqeshi omusha kufanele afike nebhentshi lakhe eqenjini elisuke limqasha.
U-Ouaddou oseke waqeqesha kwi-AS Vita Club yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) nakwiMarumo Gallants, uthe akakholelwa ekubhidlizeni obese kuqaliwe kanti futhi ithalente labaqeqeshi base-Afrika lihamba phambili enhliziyweni yakhe.
Le ndlela yokucabanga yehlukile kulokhu okwenziwa ngumqeqeshi wezimbangi ezinkulu zePirates, uNasreddine Nabi weKazier Chiefs, owafika nethimba lakhe eNaturena.
Kungenxa yalesi sizathu kunengxenye yabalandeli nezinkakha zeChiefs abangahambisani nalokhu abazeseka ngokuthi njengoba engowaseTunisia, kumqoka ukuthi asondeze umqeqeshi owazi isikompilo lebhola laseNingizimu Afrika.
U-Ouaddou waseMorocco, ungene esikhundleni sikaJose Riveiro obe wumqeqeshi wokuqala oqede inkontileka kwiPirates kusukela kwabunjwa iPremier Soccer League (PSL) ngo-1996.
Lo mqeqeshi owayedlalela iFulham yase-England ngesikhathi esadlala ibhola, ufike nezikhwama zakhe kuphela kwiPirates.
Uthe angafika, kwamenyezelwa ukuthi uMandla Ncikazi, Tyrone Damons, Helmy Gueldich noRayaan Jacobs, abebesiza uRiveiro, bazoqhubeka nomsebenzi ofanayo.
Ngaphambi kokuthi iPirates ibhekise amabombo eSpain lapho isiqalile khona ukuzicijela ukuqala kweBetway Premiership, u-Ouaddou uhlale phansi nethimba lePirates TV walihlanzela izizathu zakhe zokungakholelwa kwakhe ekufikeni nethimba lakhe.
“Ngokujwayelekile uma umqeqeshi efika eqenjini ubhidliza konke obekukhona ukuze aqale okwakhe kodwa mina anginjalo.
“Ngikholelwa ekuqhubekeni nesisekelo, inqobo nje uma kucacile ukuthi uzinzo lukhona,” kusho u-Ouaddou.
“Nginalo ithimba lami kodwa ngesikhathi ngiza eNingizimu Afrika ngiqome ukufika ngedwa ngoba ngiyakholelwa ethalenteni labaqeqeshi base-Afrika.
“INingizimu Afrika inothe ngenqwaba yezikhungo, ngakho-ke bonke labo bantu kufanele bathole imisebenzi ezinhlakeni ezinkulu njengePirates.
“Ngiyazi ukuthi sinezinkolelo ezingafani kodwa kimina ukufika nethimba lami kungabukeka njengomyalezo othi kangikholelwa kubantu bakithi ngoba nami ngingowase-Afrika.
“Izwekazi lethu linothe ngenqwaba yabaqeqeshi ezingeni elidingekayo.
“Ngineme ngokusebenza nethimba engilifice KwiPirates. Okwethu wukuhlakaniphela isimo ngokuhlanganisa izindlela zethu zokusebenza ukuze kusheshe kubonakale nemiphumela ebhekwe yiqembu kithina."
Kumqoka ukuqaphela ukuthi noMiguel Cardoso oqeqesha iMamelodi Sundowns akazange afike nethimba lonke.
IPirates izozwana amandla neBolton Wanderers yase-England, Pafos FC yaseCyprus, Las Palmas neGranada womabili aseSpain kusukela ngoJulayi 11 kuya ku-17.