Usakhungathekile oweSharks edonsa kanzima kwi-URC

Xolile Mpisane|Published

UMAKAZOLE Mapimpi ngomunye wabadlali abashayele iSharks ama-try ngesikhathi iguqiswa yiConnacht kowe-United Rugby Championship ngempelasonto.

Image: BACKPAGEPIX

UBUKEKE ephelelwa amazwi okuchaza ukuthi kungani iqembu lakhe lilokhu liwukudla kwesibhaxu kwi-United Rugby Championship umqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree.

ISharks iqunjwe phansi yiqembu lase-Ireland, iConnacht, ngo 44-17 eDexcom Stadium eGalway ngoMgqibelo ebusuku.

Emidlalweni eyisithupha esayidlalile kulo mqhudelwano isanqobe owodwa, yadlala ngokulingana kowodwa, yahlulwa kwemine. 

Akumangazi ukuthi isendaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalombili futhi imelwe wumsebenzi omkhulu emidlalweni esele yamaqoqo ukuze ibalwe namaqembu ayisishiyagalombili azodlulela kweyomkhumulajezi.

IConnacht ishaye ama-try amahlanu ngoMgqibelo, iSharks yaphendula ngamathathu. Umonakalo omkhulu wenziwe wunyawo lukaSean Naughton owabeke phakathi womahlanu ama-conversion kanjalo namaphenathi amathathu.

ISharks iqhubekile nomkhuba omubi wokuhluleka ukumaka, idedela ama-try kalula, yaphinde yaphisana nangamaphenathi ayifake ngaphansi kwengcindezi.

"Asizange singene emdlalweni. Sihlulekile ukulwela ibhola ngendlela efanele, sabanika inqwaba yamaphenathi engxenyeni yethu yenkundla nokwenze kwaba lula ukuthi bathole amaphuzu. Kukhona lapho abadlali bethu baphambili abenze kahle khona kodwa besingahlangene futhi asizange sibacindezele ngokwanele,” kusho uPlumtree.

"Besilindele okungaphezulu kulo mdlalo kodwa sathola okuncane kakhulu. Sibe nobusuku obunzima futhi kunabantu abaningi abaphoxeke kakhulu. Sisebenza kanzima futhi siyazama ukuthola izisombululo kodwa asifiki ndawo. 

"Okubalulekile wukuthi asidlalanga kahle ngokwanele. Bebengcono kakhulu kunathi futhi bekubafanele ukunqoba. Akukho okunye engingakusho."

UPlumtree, ithimba lakhe labaqeqeshi nabadlali badinga ukuqhubeka ukuxazulula izinkinga  njengoba sebezoqala umqhudelwano ohlukile ngempelasonto, i-European Champions Cup.

Bazodlala umdlalo wabo wokuqala wamaqoqo neqembu elifinyelele kowamanqamu ngesizini edlule, iToulouse, eStade Ernest-Wallon ngeSonto ngo-5.15 ntambama.