UNdamane nethemba lokufezeka kwephupho nge-Afcon

Sibusiso Mdlalose|Published

UKHULUMANI Ndamane we-TS Galaxy okuthatha njengegxathu eliya ekufezekiseni iphupho lakhe ukuba yingxenye yeqembu lesizwe iBafana Bafana eliyodlala kw-Afcon eMorocco

Image: BACKPAGEPIX

UMDLALI wasemuva kwi-TS Galaxy, uKhulumani “Mtara” Ndamane, ukuthatha njengegxathu elibheke ekufezeni iphupho lakhe elikhulu esigabeni sebhola elikhokhelayo ukuba seqenjini lesizwe iBafana Bafana elizodlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eMorocco.

UNdamane (21) odabuka KwaNomoya, eSahlumbe, usesikwatini sabadlali abangu-25 elimenyezelwe ngumqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ngoMsombuluko, esizomela iNingizimu kwi-Afcon ozoqala ngoDisemba 21 isongwe ngoJanuwari 18. 

IBafana ikleliswe kuGroup B we-Afcon ne-Egypt, Angola neZimbabwe. Izovula ne-Angola ngoDisemba 22. 

“Kuyangijabulisa kakhulu ukuthi ngigcine ngikwazile ukungena esikwatini sokugcina seBafana Bafana esiyodlala kwi-Afcon okuyinto ebengikade ngiyifisa yenzeke. 

Yize benginalo ithemba ngenxa yokuthi umqeqeshi, uBroos, wangitshela ukuthi uma ngiqhubeka nokwenza kahle eqenjini lami ngeke abenaso isizathu sokungangibizi eqenjini lesizwe eliya kwi-Afcon kodwa belukhona uvadlwana lokuthi kungenzeka abone omunye umdlali owenza kangcono kunami kwelinye iqembu ngigcine ngisale ngaphandle,” kusho uNdamane. 

Lo mdlali oyibamba emuva maphakathi nendawo, ukubeka ngokucacile ukuthi isifiso sakhe esikhulu ukuzibona edlala kwelinye lamaqembu ase-Europe njengozakwabo abeyibamba naye kwiGalaxy, uSamukelo Kabini, ogijima kwiMolde FC yaseNorway.

UKabini ojoyine iMolde ngoMashi nyakenye, uqokiwe esikwatini seBafana esizodlala kwi-Afcon.

“Yebo ukudlalela elinye lamaqembu amakhulu aseGauteng kuyisifiso sanoma yimuphi umdlali odlala kwiPSL kodwa iphupho lami elikhulu ukuzibona ngidlala e-Europe.

Lesi sifiso sami sivuseleleke kakhulu ngokubona uzakwethu ebengidlala naye, uSamukelo, esayiniswa yiMolde FC ngesizini edlule.

Ngakho ukuyodlala kwami kwi-Afcon ngikuthatha njengegxathu elibheke phambili ekuzibonakaliseni ngoba ngiyazi ukuthi ukuthola kwami ithuba lokudlala nokwenza kahle kunanoma yimuphi omunye umdlalo weBafana kwi-Afcon kungangivulela ithuba lokufeza leli phupho lami,"kusho uNdamane.

I-The Rockets esendaweni yesithupha kwi-log yeBetway Premiership, izovala unyaka ngokudlalela ekhaya neKaizer Chiefs eMbombela Stadium, eNelspruit, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.

“Noma kungumdlalo ongeke ubelula kodwa kubalulekile ukuthi siwuvale kahle unyaka ngenothi eliphezulu, siqede sisendaweni engcono kwi-log ukuziphungulela umsebenzi ngomzuliswano wesibili wesizini lapho khona imidlalo izobe seyithothene,'' usho kanje.