Awakuleli e-netball ayovikela izicoco eMalawi

Xolile Mpisane|Published

UMENGAMELI weNetball South Africa uMami Diale, ukaputeni weqembu lesizwe labesifazane uKhanyisa Chawane, nomqeqeshi walo uJenny van Dyk.

Image: BACKPAGEPIX

IQEMBU lesizwe le-netball lizosonga unyaka ngokulibangisa eMalawi lapho liyovikela khona isicoco se-Africa Netball Cup.

Lo mqhudelwano ozoqala ngoMsombuluko usongwe ngoDisemba 14, uzobanjelwa edolobheni iLilongwe.

AmaProteas awunqoba lo mqhudelwano ngesikhathi udlalelwa eSwakopmund, eNamibia, ngonyaka odlule. Aguqisa i-Uganda ngo 65-50 kowamanqamu.

Kulo nyaka azovuka kuPool 1 lapho ezogadulisana khona neTanzania, Botswana, nosokhaya iMalawi.

Umqeqeshi, uJenny van Dyk, ulindele ukuthi lo mqhudelwano uphinde usize iqembu lakhe lilungiselele amaCommonwealth Games azodlalelwa eGlasgow, eScotland, ngonyaka ozayo kusukela ngoJulayi kuya ku-Agasti.

"Kusho lukhulu kithina ukuphindela kwi-Africa Cup, okuwumncintiswano esiwubona umqoka kakhulu. Kubalulekile ukuthi sibhekane namaqembu ase-Afrika adlala izitayela ezehlukene,” kusho uVan Dyk. 

“KumaCommonwealth Games naseNdebeni yoMhlaba edlule i-Uganda yasihlula sekubangwa ukuqeda endaweni yesihlanu. Ngakho-ke, noma sikleliswe endaweni yesihlanu emhlabeni siyazi ukuthi maningi amaqembu azosinika izinkinga.

"Sidlalile neMalawi ngonyaka odlule futhi isithuthuke kakhulu. Emdlalweni wokugcina esawudlala nayo sayihlula ngamagoli amathathu kuphela. Kubalulekile ukubona ukuthi sikuphi manje nokuthi yikuphi lapho esesithuthuke khona.”

AmaProteas aseke athola izifundo ezinzima kulo nyaka njengoba evakashele e-Australia naseNew Zealand, akhala ngaphansi kuyona yonke imidlalo eyisithupha ayidlalile kula mazwe.

Iqembu lakuleli labesilisa nalo lizolibhekisa eMalawi ukuyovikela isicoco se-Africa Netball Cup elasinqoba ngokuqumba phansi i-Eswatini ngo 60-39 eNamibia nyakenye.

Lona lizovula kuPool 1 neZimbabwe, Botswana ne-Uganda.

Iqembu lamaProteas esifazane le-Africa Netball Cup: Khanyisa Chawane, Kyla Dames, Kamogelo Maseko, Tarle Mathe, Owethu Ngubane, Refiloe Nketsa, Rolene Streutker, Elmeré van der Berg, Nicola Smith, Juanita van Tonder, Jamie van Wyk, Sanmarie Visser.

Abalindele ukuvala izikhala zabalimalayo: Nicholé Breedt, Entle Futshane, Nozipho Ntshangase.

Iqembu lamaProteas esilisa le-Africa Netball Cup: Sicelo Gamede, Shane Labuschagne, Lutendo Maiwashe, Edward Manyathela, Njabulo Nekhavhambe, Romeo Nqcaku, Lwazi Nzama, Gavin Peters, Eugene Sinxesi, Kwandile Sithole, Sibongakonke Vava, Vukile Zulu

Abalindele ukuvala izikhala zabalimele: Wandile Gumede, Juan van den Heever, Sandiso Zulu