AmaProteas esifazane nezinhlelo ezinhle ngeye-T20 ne-Ireland

Xolile Mpisane|Published

UMQEQESHI weqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane uMandla Mashimbyi.

Image: BACKPAGEPIX

UFUNA iqembu liqhubeke nomgqigqo omuhle eliwukhombise eNdebeni yoMhlaba yama-One Day International umqeqeshi weqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane, uMandla Mashimbyi.

AmaProteas esifazane afinyelele kowamanqamu kulo mqhudelwano obubanjelwe e-India naseSri Lanka, anqotshwa ngosokhaya i-India, kowamanqamu ngoNovemba 2.

Azobuyela enkundleni ngoLwesihlanu lapho ezotholana phezulu khona ne-Ireland emdlalweni wokuqala wochungechunge lwemidlalo emithathu ye-T20.

Lo mdlalo uzoqala ngo-2 ntambama eNewlands Cricket Ground, eKapa.

Le midlalo iyingxenye yamalungiselelo eNdebe yoMhlaba ye-T20 ezodlalelwa e-England naseWales kusukela ngoJuni ngonyaka ozayo.

"Kumnandi ukuphinda ngihlangane neqembu ngemuva kweNdebe yoMhlaba. Kuyajabulisa ukubona wonke umuntu esesimweni esihle kodwa ngeke siluthathe kancane lolu chungechunge. Engingakusho wukuthi siyayihlonipha i-Ireland futhi silindele imidlalo enzima njengoba sazi ukuthi izinto zishintsha kalula kangakanani emidlalweni ye-T20," kusho uMahimbyi.

 "Sibona yonke imidlalo esiyidlalayo njengethuba lokuthi sikhuphule izinga futhi sidlalele ukunqoba. Uma siza nalowo mqondo ngicabanga ukuthi sizoba nochungechunge oluhle.”

Njengoba sebezogxila kwikhilikithi ye-T20, uMashimbyi uthe zincane izinto abadinga ukuzishintsha njengoba besanda kudlala imidlalo eminingi enzima yama-One Day International (ODI) eNdebeni yoMhlaba.

"Sithathe okuthile esikwenze eNdebeni yoMhlaba yama-ODI sazama ukukuhlanganisa nokudingeka emidlalweni ye-T20. Kusobala ukuthi njengoba ama-over emancane kwi-T20 yonke into kufanele uyenze ngomfutho,” kuqhuba uMashimbyi.

“Sikhethe ukubiza nabanye abadlali abebengekho eNdebeni yoMhlaba ngenxa yamakhono abo aqondene nalolu hlobo lo mdlalo futhi sihlose ukwandisa iqembu lethu. Kubalulekile ukuzwisa abadlali abaningi ukuthi kunjani ukudlala kuleli zinga ukuze sikwazi ukuthembela kubona uma sibadinga.”

Imidlalo emithathu ye-T20 izolandelwa emithathu ye-ODI ne-Ireland ezoqala ngoDisemba 13.