USnyman uyalethemba elamaBlitzbokke elizovula isizini eDubai

Xolile Mpisane|Published

UMFUNDO Ndhlovu ngomunye wabadlali abaseqenjini lamaBlitzbokke elizodlala umqhudelwano wokuqala wesizini ka-2025, yeHSBC SVNS eDubai, ngempelasonto

Image: BACKPAGEPIX

BANGU-11 abadlali abasize iqembu lesizwe labesilisa, amaBlitzbokke, lanqoba isicoco se-HSBC SVNS World Championship eLos Angeles, ngoMeyi, abayingxenye yelizovula isizini emqhudelwaneni ozoba seDubai, kule mpelasonto.

Umqeqeshi, uPhilip Snyman, uphinde waqinisa isikwati ngabadlali abanamava okunguChristie Grobbelaar noDonavan Don.

Owaqokwa njengomdlali ovelele kowamanqamu eLos Angeles, uShilton van Wyk, kubhekwe ukuthi aphinde enze ezibukwayo ebambisene noMfundo Ndhlovu noDon, osanda kudlalela iSanlam Boland Kavaliers kwiCurrie Cup. 

UGrobbelaar ubuyele kumaBlitzbokke ngemuva kokudlalela iHollywoodbets Sharks emqhudelwaneni we-United Rugby Championship.

“I-URC iyizinga eliphezulu kakhulu lombhoxo ngakho-ke ngijabule ngokubuya kukaChristie, kanti uDonavan ubegqamile kakhulu kwiCurrie Cup. Bangene kahle eqenjini futhi ngilindele ukuthi benze imilingo eDubai,” kusho uSnyman.

“Kunabafana abane noma abahlanu abangazibona benebhadi ngokungabi yingxenye yalolu hambo kodwa ekugcineni bekufanele ngikhethe ngalokhu engikubonile ngesikhathi silungiselela ukuqala kwesizini.”

"Kukhona nabadlali abangaqokwanga ngenxa yokulimala okubalwa kubona uGino Cupido, Quewin Nortje, Siviwe Soyizwapi noMasande Mtshali.

USnyman wenze ushintsho ebuholini beqembu, eqoka u-Impi Visser njengokaputeni kanti uSelvyn Davids noZain Davids bazoba amaphini akhe.

AmaBlitzbokke azoqala umqhudelwano waseDubai kuPool A, lapho eqhathwe khona ne-Argentina, Fiji neFrance.

Iqembu lamaBlitzbokke elizodlala eDubai:

Christie Grobbelaar, Ryan Oosthuizen, Impi Visser, Zain Davids, Ricardo Duarttee, Ronald Brown, Selvyn Davids, Shilton van Wyk, Mfundo Ndhlovu, Donavan Don, David Brits, Zander Reynders, Tristan Leyds.