UNKONKO lwamaBhokobhoko, uRG Snyman, oluzodlala umdlalo ka-50 uma sebebhekene ne-Ireland
Image: BACKPAGEPIX
UKUJIKWA kwesinqumo sokukhishwa komdlali wamaBhokobhoko, uFranco Mostert, ngekhadi elibomvu emdlalweni akumsizanga umqeqeshi weqembu lesizwe uRassie Erasmus ezinhlelweni zomdlalo omqoka ne-Ireland.
Iqembu lakuleli lizodudulana ne-Ireland emdlalweni obhekwe ngabomvu ozoqala ngo-7.40 kusihlwa e-Aviva Stadium, eDublin.
UMostert wakhishwa ngekhadi elibomvu ngesikhathi amaBhokobhoko enqoba i-Italy ngo 32-14 ngoMgqibelo. Nokho, lesi sinqumo siphinde saguqulwa ngemuva kokucutshungulwa kobufakazi lapho kutholakale khona ukuthi akamshayisanga ekhanda umdlali we-Italy, uPaolo Garbisi.
Nakuba kunjalo, u-Erasmus ukhethe ukumshiya ngaphandle lo mdlali ngenxa yokuthi ubesevele elihlele ngenye indlela iqembu kusukela ngoMsombuluko.
Endaweni yakhe kwi-lock kuzoqala uRuan Nortje, ozoyibamba no-Eben Etzebeth. U-RG Snyman, ozobe edlala umdlalo ka-50 eqenjini lesizwe, uzongena esuka ebhentshini.
U-Erasmus ukhethe iqembu eliqinile eligcwele abadlali abanqoba iNdebe yoMhlaba ka-2023 nabambalwa abasha.
Kwabasha abathenjiwe kukhona uSacha Feinberg-Mngomezulu ozobe elawula umdlalo egijima kwi-flyhalf.
“Kuhle ukuthi kulandelwe imigudu efanele. Uma kwenzeke iphutha laphinde lalungiseka, lokho kwenza sizithembe izinhlelo ezisetshenziswayo. Besingamdlalisa uFranco kodwa bekuzoba nzima phakathi nesonto ukuthi silinde isinqumo. Yingakho sikhethe ukuqhubeka nabadlali ebesinesiqiniseko sokuthi bazodlala,” kusho u-Erasmus.
"Besingalihlela ngenye indlela ibhentshi. Sike sasikaza ukuba nabadlali abayisikhombisa baphambili ebhentshini kodwa sabuye sashintsha ngenxa yalokhu kungabaza.
“Bekungakuhle ukumqalisa uSnyman emdlalweni wakhe okhethekile kodwa usenzela umsebenzi omkhulu uma esuka ebhentshini futhi naye ukwamukelile lokho ngesikhathi simchazela.
“Lona kuzoba wumdlalo omqoka njengoba sesidlale imidlalo eminingi kangaka kulo nyaka. Singathanda ukuwunqoba kwazise kade sagcina ukunqoba i-Ireland kule nkundla kodwa okumqoka kakhulu wukuthi sidlale kahle.”
Umdlalo wokugcina walo nyaka wamaBhokobhoko azowudlala neWales eMillenium Stadium eCardiff, ngoMgqibelo ozayo.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana ne-Ireland
Abazoqala: 15 Damian Willemse, 14 Canan Moodie, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Cheslin Kolbe, 10 Sacha Feinberg-Mngomezulu, 9 Cobus Reinach, 8 Jasper Wiese, 7 Pieter-Steph du Toit, 6 Siya Kolisi, 5 Ruan Nortje, 4 Eben Etzebeth, 3 Thomas du Toit, 2 Malcolm Marx, 1 Boan Venter
Abasebhentshini: 16 Johan Grobbelaar, 17 Gerhard Steenkamp, 18 Wilco Louw, 19 RG Snyman, 20 Kwagga Smith, 21 Andre Esterhuizen, 22 Grant Williams, 23 Manie Libbok
Related Topics: