Abancane nabadala kumaProteas esifazane azodlala ne-Ireland

Xolile Mpisane|Published

UNADINE de Klerk no-Ayanda Hlubi bakhona kwelamaProteas esifazane elizobhekana ne-Ireland kuleli ngenyanga ezzayo.

Image: BACKPAGEPIX

UBIZE abadlali abasebancane nasebekhulile ngesikhathi eqoka izikwati ezizobhekana ne-Ireland emidlalweni yeT20 kanye neyama-One Day International (ODI) umqeqeshi weqembu lesizwe lekhilikithi, uMandla Mashimbyi.

Owayengukaputeni wamaProteas uDane Van Niekerk ufakiwe kuwona womabili amaqembu.

UVan Niekerk (32) wayeka ukudlalela iqembu lesizwe ngo-2022 ngemuva kokushiywa ngaphandle esikwatini esasiyodlala eNdebeni yoMhlaba yeT20 ngenxa yokuhluleka ukugijima ibanga elingu-2km ngesikhathi esasibekiwe.

UMashimbyi umbizile ekhempini ngaphambi kweNdebe yoMhlaba yama-ODI yakamuva lapho amaProteas ehlulwe khona yi-India kowamanqamu, kodwa akazange abe  yingxenye yeqembu eligcine lidlale lo mqhudelwano.

Abanye abadlali abangazange baye eSri Lanka nase-India asebefakwe nguFaye Tunnicliffe, Seshnie Naidu, Lara Goodall, Ayanda Hlubi no-Eliz-Mari Marx.

Umdlali weWestern Province uLeah Jones ufakwe eqenjini lesizwe okokuqala. U-Tazmin Brits, oseluleme ehlombe, ngeke adlale imidlalo ye-T20 kodwa uzobuyela kuma-ODI.

INingizimu Afrika ne-Ireland bazohlangana emidlalweni emithathu yeT20 eKapa, ​​ePaarl naseBenoni, ngaphambi kwama-ODI azodlalelwa e-East London, ePort Elizabeth naseGoli.

"Kunomfutho omusha eqenjini ngemuva kweNdebe yoMhlaba. I-Ireland izosinika imidlalo enzima. Ngilangazelele ukubona ukuthi izinhlanganisela ezintsha zizoliyithuthukisa kanjani iqembu lethu. Sifuna ukukhula, sikhuphule izinga ekhaya phambi kwabalandeli bethu," kusho uMashimbyi.

Iqembu lamaProteas esifazane leT20: Laura Wolvaardt, Nadine de Klerk, Annerie Dercksen, Sinalo Jafta, Marizanne Kapp, Ayabonga Khaka, Masabata Klaas, Suné Luus, Karabo Meso, Nonkululeko Mlaba, Seshnie Naidu, Nondumiso Shangase, Chloé Tryon, Faye Tunnicliffe, Dané van Niekerk.

Iqembu lamaProteas esifazane lama-ODI: Laura Wolvaardt , Tazmin Brits, Lara Goodall, Ayanda Hlubi, Sinalo Jafta, Leah Jones, Suné Luus, Eliz-Mari Marx, Karabo Meso, Nonkululeko Mlaba, Tumi Sekhukhune, Nondumiso Shangase, Miané Smit, Faye Tunnicliffe, Dané van Niekerk.