Ufeze iphupho likayise ejoyina Usuthu

Sibusiso Mdlalose|Published

UMDLALI wasesiswini osanda kujoyina AmaZulu FC, uLangelihle Mhlongo, okuthatha njengokufezeka kwesifiso sikayise okukade ayefisa ukuthi ajoyine leli qembu laseMbelebeleni.

Image: BACKPAGEPIX

UMDLALI omusha waMaZulu FC, uLangelihle Mhlongo, udalula ukufezeka kwesifiso sikayise ngokujoyina kwakhe leli qembu.

UMhlongo (24) waKwaMashu, eThekwini, umenyezelwe njengomdlali waMaZulu ekuqaleni kwesonto esuka kwiRichards Bay FC. 

Kwenzeke lokhu sekuphele izinyanga engadlali kwiNatal Rich Boyz ngenxa yomdonsiswano ngenkontileka yakhe. Kulindeleke ukuthi abonakale uma AmaZulu esegadulisana neSiwelele FC emdlalweni weBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-3.30 ntambama. 

“Engingakusho ukuthi AmaZulu bekuvele kuyiqembu ekukhuleni kwami ebengifisa ukulidlalela ngoba ngisemcane ubaba ubengitshela ukuthi njengoba ngidlala ibhola ufisa ukungibona ngidlalela iqembu elinjengaMaZulu ngoba emlandweni waKwaMashu, kunabadlali abanjengoJoel Faya ababeyizingwazi zaMaZulu. Ngakho ufisa ukungibona nami ngiba semlandweni waleli qembu.

"Ngakho kuthe uma ngizwa ukuthi AmaZulu ayangifuna ngagqugquzeleka kakhulu ukuthi ngifeze isifiso sami nephupho likababa," kusho uMhlongo.

Lo mdlali wasesiswini udlale kwiMagic Future Stars ne-Ethekwini Coastal edlala kwiSafa ABC Motsepe League ngaphambi kokujoyina iBay ngesizini ka-2021/22, isadlala kwiMotsepe Foundation Championship.

UMhlongo uzobanga ijezi nabadlali abahlukene okukhona kubona uBongani Zungu enkabeni yenkundla. Uyayiqonda inselelo yokugeza igilo umqeqeshi, u-Arthur Zwane, osekunesikhathi emfuna kusukela esaqeqesha iKaizer Cheifs.

"Ukufika kwami lapha kuMaZulu akusho ukuthi ngizokhombisa yena ukuthi ngingubani kodwa ngizosebenza kanzima ukuthi umqeqeshi u-Arthur ayibone le nto abelokhu eyilangazelela kimi njengomdlali ayibone, angaboni omunye umuntu," kusho uMhlongo.

Imidlalo yeBetway Premiership:

Kusasa: 

AmaZulu FC v Siwelele FC (Moses Mabhida Stadium, 3.30pm); Marumo Gallants v Sekhukhune United (Dr Molemela Stadium, 6pm) 

NgeSonto:

TS Galaxy v Lamontville Golden Arrows (Mbombela Stadium, 3.30pm); Richards Bay FC v Durban City (Umhlathuze Sports Complex, 6pm)