Kuzocaca namuhla kwabaqokelwe kumaKZN Netball Awards

Xolile Mpisane|Published

ABAQOKELWE emunxeni wePersonality of the Year kumaKZN Netball Awards uNozipho Nntshangase noNduduzo Myeni.

Image: KZN NETBALL

KUZOCACA namuhla (ngoMgqibelo) ukuthi yibaphi abe-netball abazohlabana ngemiklomelo kumaKZN Netball Awards anonyaka azobanjelwa eBon Hotel, eMpangeni.

Lo mcimbi ozoqala ngo-6 ntambama uzosakazwa bukhoma ekhasini leKZN Netball Super League kuFacebook.

Umengameli weKZN Netball, uGugu Ngema, umemezele abaseminxeni eminingi ehlukene abagaqele izindondo, okufakazela ukukhula kwalo mdlalo kulesi sifundazwe kwabesifazane, abesilisa nabasebancane.

Umcimbi wokumenyezelwa kwabaqokiwe ububanjelwe ePrime Human Performance Institute, eThekwini, ngoLwesibili. Ubuhanjelwe nayizikhulu ezisuka eMnyangweni wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko neKZN Sport Confederation.

“Sibona lo mcimbi umqoka kakhulu, yingakho kulokhu okuncane esinakho nesikuthola emnyangweni siqinisekisa ukuthi siyayibeka imali ethile yokuwuqhuba. Kubalulekile ukuthi abantu abenza kahle babongwe ngamagalelo abo,” kusho uNgema.

“Sibonga uMnyango wezeMidlalo nabaxhasi iNational Lotteries Commission ne-Aquelle ngoba besingeke sikwenze konke esikwenzile kulo nyaka ngaphandle kwabo.”

UTHULISILE Maduna oqokwe eminxeni ehlukene kumaKZN Netball Awards anonyaka.

Image: BACKPAGEPIX

Abaqokelwe kumaKZN Netball Awards: 

Coach of the Year: Nompumelelo Mthembu, Siyabonga Maphumulo

Umpire of the Year: Liphelele Majola, Thamsanqa Mteshane, Zimephi Phakathi

Manager of the Year: Raeesa Abdulla, Linda Morrison

Technical Official of the Year: Balungile Mnyandu, Congo Nxumalo, Lindo Lubanyana

Team of the Year: Ocean Dolphins, Ocean Predators, Kingdom Stars

 

Defender of the Year (Juniors): Yamukela Mvubu, Sinegugu Gamede, Nathi Bophela

Defender of the Year (Males): Ronaldo Chinake, Sandiso Zulu, Vukile Zulu

Defender of the Year (Females): Thulisile Maduna, Nozipho Ntshangase

 

Midcourt Player of the Year (Juniors): Alwande Magasela, Zabazinhle Singila

Midcourt Player of the Year (Males): Nhlanzeko Mhlongo, Qiniso Gwala

Midcourt Player of the Year (Females): Nosihle Mkhwanazi, Thobekile Mjaja

 

Shooter of the Year (Juniors): Alwande Ntshele, Mbali Diphoko

Shooter of the Year (Males): Wandile Gumede, Sibongakonke Vava, Scelo Mncwango

Shooter of the Year (Females): Amanda Ntshangase, Sbonga Mdletshe

 

Most Disciplined Player of the Year: Njabulo Mzimela, Sandiso Siduko

Most Disciplined Team of the Year: Mtuba Queens, BSS Stars, Hammarsdale Sunbeams

Most Improved Player of the Year: Zamokwakhe Kunene, Sbonile Mkhize

Administrator of the Year: Mxolisi Mngomezulu, Zimephi Phakathi

 

Media Personality of the Year: Nqobizitha Mncwango, Mzwamandla Zondi, Sifiso Linda

District of the Year: Zululand: Umkhanyakude, Umgungundlovu

Personality of the Year: Ndunduzo Myeni, Nozipho Ntshangase

 

Sportsman of the Year: Vukile Zulu, Sandiso Xulu 

Sportswoman of the Year: Mbali Diphoko, Thulisile Maduna, Jordan Buys