Ithuba lamaProteas lokukhonya e-India

Xolile Mpisane|Published

UMSHWIBI wamaProteas uSimon Harmer nokaputeni uTemba Bavuma.

Image: X / PROTEAS MEN

UMDLALO wesibili wochungechunge lweTest phakathi kwamaProteas ne-India uzonika iqembu lakuleli ithuba lokunqoba okokuqala e-India eminyakeni engu-25.

Lo mdlalo wesibili amaProteas adinga ukuwunqoba noma adlale ngokulingana kuwona uzoqala ngoMgqibelo ngo-5.30 ekuseni eBarsapara Stadium, eGuwahati. 

Iqembu lakuleli lihamba phambili ngo 1-0 kulolu chungechunge lwemidlalo emibili ngemuva kokunqoba umdlalo wokuqala e-Eden Gardens ngama-run angu-30. Beliqala ukunqoba iTest e-India kusukela ngo-2010.

Uma lingagwema ukuhlulwa lizodla umhlanganiso okokuqala e-India selokhu kwagcina elaliholwa nguHansie Cronje elanqoba uchungechunge ngo 2-0 ngo-2000.

Kusukela lapho, amaqembu akuleli asevakashele e-India afike athwala kanzima.

Ngo-2004/05 amaProteas ahlulwa ngo 1-0. Kwaba ngcono ngohambo luka-2007/08 nango-2009/10, lapho adlala khona ngokulingana ngo 1-1.

Kube sekubheda kakhulu ngo-2015/16 nango-2019/20, iqembu lakuleli lixetshulwa ngo 3-0 e-India.

Kunezizukulwane zabadlali bamaProteas ezingawazi umuzwa wokunqoba uchungechunge lweTest e-India kodwa lokhu kungashintsha uma sekusongwa lo mdlalo obhekwe ngabomvu eGuwahati.

Ngaphandle kwalokho, iqembu lakuleli linejoka lokuvikela irekhodi elihle lomqeqeshi uShukri Conrad nokaputeni uTemba Bavuma lokungahlulwa emidlalweni yetest engu-11 selokhu baqala ukuhola iqembu ndawonye.

Sizothathwa namuhla isinqumo ngomshwibi uKagiso Rabada ongadlalanga emdlalweni wokuqala ngenxa yokulimala ezimbanjeni. Omunye oshwiba ngesivinini, uLungi Ngidi, ujoyine iqembu e-India ngaphambi kwalo mdlalo wesibili.

Kungenzeka futhi abaqeqeshi bakhethe ukusebenzisa omunye wabadlali abakwazi ukushwiba nokubhetha, njengoba kwenzekile emdlalweni wokuqala. Iqembu lakuleli linabo abanjalo okubalwa kubona uWiaan Mulder, Marco Jansen, Corbin Bosch kanye noSenuran Muthusamy.

"Sinabafana abambalwa manje abakwaziyo ukubhetha nokushwiba, okwenza kube ngcono uma sesikhetha iqembu,” lisho kanje iphini lomqeqeshi wamaProteas eligxile kakhulu ekushwibeni, uPiet Botha.

"Bangabafana ongathembela kubona ezigabeni ezihlukene zomdlalo. Ungabathemba ngebhola elisha kodwa futhi bangayidlala indima ngisho selihanjelwe yisikhathi. Kusobala ukuthi sinabo nabashwibi be-spin abashaye into ecokeme emdlalweni wokuqala.”

Njengoba abashwibi bawo womabili amaqembu benze kahle emdlalweni wokuqala, ingcindezi ikubadlali ababhethayo ukuthi bakhuphule isibalo sama-run kulo mdlalo wesibili.