UZwane udalula akufisayo Osuthwini ngaphambi kwekhefu le-Afcon

Sibusiso Mdlalose|Published

UMQEQESHI waMaZulu, u-Arthur Zwane noPule Ekstein ongomunye wabadlali okulindeleke ukuthi basize leli qembu livale unyaka ngegiya eliphezulu

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

UMQEQESHI waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, ukholwa wukuthi basengenza okungcono kakhulu kunalokhu abasakwenzile kule sizini okuyingakho efuna baqede unyaka ngesivuthevuthe. 

AmaZulu asendaweni yesithupha kwi-log yeBetway Premiership ngamaphuzu angu-18 emidlalweni engu-11 asanqobe emihlanu, ahlulwa kwemithathu, adlala ngokulingana kwemithathu.

Azotholana phezulu neSiwelele FC ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. 

Usuthu luza kulo mdlalo nje lusazikhotha amanxeba kulandela ukushayelwa ekhaya yiPolokwane City ngo 1-0 ngaphambi kwekhefu leFifa. 

“Uma ubheka indlela esiqale ngayo isizini nendawo esikuyona njengamanje (kwi-log), ngingasho ukuthi ngijabule kancane. 

Nokho, kunemidlalo ebesingenza kangcono kuyona ikakhulukazi le midlalo esithole kuqala igoli kuyona kodwa sagcina singayiwini. Eqinisweni nje iPolokwane yasidla kungafanele ekhaya,” kusho uZwane, ofuna ezakhe zibuye nawo ephelele amaphuzu emidlalweni emithathu ezizoyidlala ngaphambi kwekhefu le-Afcon. 

Emuva koweSiwelele, Usuthu luzodlala imidlalo emibili yabakhaya okungoweRichards Bay FC ngoNovemba 28, noweLamontville Golden Arrows ngoDisemba 3 ngaphambi kwekhefu lemidlalo ye-Africa Cup of Nations (Caf). 

“Sifuna ukuguqula izinto ngokuthi siyinqobe yomithathu le midlalo esisalele ngaphambi kwekhefu le-Afcon. Nokho, siyazi akuzukuba yimidlalo elula ikakhulukazi lo esizowudlala neSiwelele ehlukile kunale eqale isizini idonsa kanzima,"kusho uZwane.

ISiwelele eqeqeshwa uLehlohonolo Seema, izobhekana noSuthu igcwele ukuzithemba kwazise emidlalweni emine yePremiership egcine ukuyidlala ngaphambi kwekhefu leFifa, inqoba emithathu yadlala ngokulingana kowodwa.