UMDLALI waMaZulu FC, uLiam Bern othathwe nomengameli, uSandile Zungu, kulindeleke adlale okokuqala kuleli qembu kulandela ukukhululwa kwakhe yisigungu sePSL esiqondisa ubugwegwe ngemuva komdonsiswano obusudonse isikhathi ngokusayina kwakhe kuMaZulu
Image: AMAZULU FC FACEBOOK
UMDLALI wasesiswini kuMaZulu FC, uLiam Bern, kuyamjabulisa ukuthi sigcine sifezekile isifiso sakhe sokujoyina leli qembu ngemuva komdonsiswano othathe isikhathi phakathi kweqembu lakhe elidala, iCape Town Spurs naleli qembu laseThekwini.
UBern (22) uphefumule okokuqala ngesimo abebhekene naso ekhuluma nabezindaba izolo enkundleni yokuziqeqesha yaMaZulu azivivinyela umdlalo weBetway Premiership azowudlala neSiwelele FC ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ujoyine AmaZulu ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiSpurs eyehlele kwiSafa ABC Motsepe League emuva kokudliwa yizembe kwiMotsepe Foundation Championship.
ISpurs ibinqaba ukumkhulula, udaba lwagcina luxazululwe ngumahluleli ozimele weSouth African Football Association (Safa). Wethulwe njengomdlali woSuthu ekuqaleni kwesonto.
“Yebo, indlela engihambe ngayo kwiCape Town Spurs akuyona ebengifisa ukuhamba ngayo kodwa ngeshwa kugcine kwenzeke ngale ndlela okwenzeke ngayo. Ngijabule kodwa ukuthi ekugcineni sigcine sifezekile isifiso sami sokuthi ngikhululeke ukuthi ngidlale eqenjini lami, AmaZulu.
Lesi simo sike sathi ukungiphazamisa emqondweni. Kodwa ngenxa yabantu abanobubele lapha kuMaZulu abangesekile engibala kubo umqeqeshi, abadlali nomndeni wami okubalwa kuwo udadewethu nomama, ngikwazile ukudlula kulesi simo. Ngaphandle kwabo, angicabangi ukuthi bengizokwazi ukubhekana naso,” kusho uBern, oncome nemenja yakhe, uGeorge Dearnaley.
UDearnaley owayeyinkalimeva yomgadli woSuthu eminyakeni edlule nowabamba iqhaza ekunqobeni kwaleli qembu isicoco seCoca-Cola Cup ngo-1992, nguye ophethe izindaba zalo mdlali okhuliswe esikhungweni seSpurs.
“Bengingeke ngibe lapho ngikhona namuhla ngaphandle kwakhe, ungenzele okuningi, uyimenenja enhle kimina, ngiswele amazwi okubonga.”
UBern obonakale okokuqala eqenjini loSuthu lidlala kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup, Olundi, ngempelasonto, angase adlale umdlalo wakhe wokuqala kuleli qembu ngoMgqibelo kowePremiership.
“Kubukeka kuzoba ngumdlalo onzima, ngoba siyasibona iSiwelele ukuthi siyiqembu elidlala kahle kulezi zinsuku. Kodwa sikulungele ukubhekana naso, ngoba siyakwazi ukubaluleka kwalo mdlalo esiyowudlala," kusho yena.
Imidlalo yeBetway Premiership:
NgoMgqibelo:
AmaZulu FC v Siwelele FC (Moses Mabhida Stadium, 3.30pm); Marumo Gallants v Sekhukhune United (Dr Molemela Stadium, 6pm)
NgeSonto:
TS Galaxy v Lamontville Golden Arrows (Mbombela Stadium, 3.30pm); Richards Bay FC v Durban City (Umhlathuze Sports Complex, 6pm)
Related Topics: