OwamaBokke utuse uNche oqophe umlando

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI wamaBhokobhoko, u-Ox Nche, obe ngowokuqala odlala kwi-prop ukuqokelwa umklomelo weWorld Rugby Player of the Year.

Image: BACKPAGEPIX

UHALALISELE uzakwabo, u-Ox Nche, ngokuba ngomunye wabadlali abane abasethubeni lokuthola indondo enkulukazi kuma-World Rugby Awards, umdlali waphambili wamaBhokobhoko, uThomas Du Toit.

UNche ube yi-prop yokuqala eqokelwa emunxeni we-World Rugby Men's 15s Player of the Year, okuwumklomelo onikwa umdlali ovelele wesilisa emhlabeni jikelele.

Le ndondo uzoyibanga nabanye abadlali ababili bamaBhokobhoko, uPieter-Steph du Toit noMalcolm Marx nowaseFrance, uLouis Bielle‑Biarrey. 

Sekujwayelekile ukuthi le ndondo ithathwe abadlali basemuva noma abadlala kwi-loose-forward. Odlala kwi-hooker owake wayithola nguKeith Wood wase-Ireland, owayinqoba ngo-2001.

Ukuqokwa kukaNche kungenxa yomsebenzi omuhle awenzayo uma kududulwana kuma-scrum, okuyinto eyisikhali esikhulu kumaBhokobhoko kanti futhi uyakwazi ukugijima nebhola uma kuhlaselwa.

"U-Ox ungumuntu okhethekile. Ungumdlali webhola omangalisayo futhi ngiyambongela njengoba ehlonishwa ngomsebenzi obalulekile awenzayo. Ngicabanga ukuthi wonke umuntu uyaluqonda uhlobo lomdlali ayilo kodwa kubalulekile ukuhlonishwa ngalolu hlobo," kusho uDu Toit.

"Ngiyambongela kakhulu futhi ukube kuya ngami ngabe ngiyamnika indondo.”

Abazodla umhlanganiso kuma-World Rugby Awards, okuzohlanganisa neBreakthrough Player of the Year etholwa wumdlali osemncane owenze kahle kulo nyaka, kanjalo ne-Try of the Year, bazomenyezelwa ngoMgqibelo.

I-World Rugby izophinde iveze neDream Team of the Year, okuyiqembu labadlali abangu-15 elizobunjwa ngabadlali abasezingeni eliphezulu abavela emazweni ahlukene, okuyinto evamise ukudala impikiswano enkulu kubalandeli bombhoxo. 

Khonamanjalo: AmaBhokobhoko asegxile emdlalweni wawo olandelayo ne-Ireland ozodlalelwa e-Aviva Stadium eDublin, ngoMgqibelo ngo-7.40 ebusuku.

Iqembu lakuleli lisayinqobe yomithathu imidlalo eliyidlale phesheya kule nyanga, liguqisa iJapan, France ne-Italy.

Nakuba i-Ireland yalinqoba ngephuzu begcina ukuhlangana eThekwini, nyakenye, uDu Toit uthe umdlalo wangoMgqibelo awuhlangene nosekwenzeka.

"Ngicabanga ukuthi abezindaba bangathanda ukuthi sithi siyibambele igqubu i-Ireland kodwa asiboni kanjalo. Kunezinto ezifanayo phakathi kwethu nabo njengoba nabo benamandla. I-Ireland ihleleke kakhulu futhi iyawuqonda umdlalo wayo. Lokho akushintshi lutho kithina, silungiselela umdlalo onzima ngendlela ejwayelekile,” kuphetha uDu Toit.