Kusezandleni zeDolphins ukungena kweyomkhumulajezi koweT20

Xolile Mpisane|Published

ABDLALI beHollywoodbets Dolphins ngesikhathi bebhekene neWestern Province eKapa.

Image: BACKPAGEPIX

IHOLLYWOODBETS Dolphins ingayiqinisekisa indawo yayo kweyomkhumulajezi kwiCSA T20 Challenge iphinde izibeke ethubeni lokuqeda endaweni engcono kwi-log ngokunqoba imidlalo yayo esele yamaqoqo kulo mqhudelwano.

Leli qembu liwuqale kahle umqhudelwano ngokunqoba imidlalo emithathu ilandelana, liguqisa iMothee Ram Tuskers, North West Dragons, neDafabet Warriors.

Nokho, libhekane nobunzima ohambweni lwalo lwaseWestern Cape ngempelasonto edlule lapho likhale ngaphansi kuyona yombili eliyidlalele khona.

Lithelwe othulini yiGoldrush Boland ngama-runs amahlanu ePaarl ngoLwesihlanu, ngaphambi kokushaywa yiWSB Western Province ngamawikhethi amahlanu eKapa ngeSonto.

Njengamanje iDolphins isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-14 emidlalweni emihlanu. Amaqembu amane azoqeda phezulu azodlulela emidlalweni yomkhumulajezi.

Lokhu kusho ukuthi leli qembu eliqeqeshwa nguQuinton Friend linenselelo yokuqoqa amaphuzu emidlalweni emibili ezayo ukuze lingazitholi selificwa yiqembu elingemuva kwalo, iMomentum Multiply Titans

Emdlalweni weDolphins neBoland womabili amaqembu aqede enama-run angu-134, nokuholele ekutheni umdlalo unqunywe ngeSuper Over.

KwiSuper Over yokuqala womabili amaqembu athole ama-run ayisikhombisa ngalinye, kodwa kweyesibili iBoland ishaye angu-10, iDolphins yashaya amahlanu kuphela.

Ephawula eseKapa, ​​ukaputeni weDolphins, uJon-Jon Smuts, uthe ubona iqembu lakhe lisadinga ukwenza kangcono ekubhetheni.

“Sengike ngayidlala imidlalo efike kwiSuper Over kodwa bengiqala ukuthi ngibe yingxenye yomdlalo obe namaSuper Over amabili. Kube wumdlalo omude kodwa kukhona esikufundile kuwona,” kusho uSmuts.

“Ngikholwa wukuthi asikabhethi kahle njengeqembu. Kukhona lapho senze kahle khona kodwa asikawubambi kahle umgqigqo wokushaya ama-run amaningi. Ngokubona kwami yilapho okufanele siqinise khona.”

IDolphins izokwazi ukuqinisekisa indawo yayo kweyomkhumulajezi uma inganqoba iTitans emdlalweni ozoqala ngo-1.30 emini eSuperSport Park, eCenturion, kusasa.

Izobe isisonga eyamaqoqo ngokubhekana neDP World Lions eHollywoodbets Kingsmead, eThekwini, ngeSonto ngo-1 emini.