Inyuswe amandla benza yabambelela i-Audi S3 ethuthukisiwe

Fanelesibonge Bengu|Published

KWI-Audi S3 ethuthukisiwe usukwazi ukufaka izinqawe ze-Akrapovic uma uthanda

Image: FANELESIBONGE BENGU

IMOTO: AUDI S3

NGOKUFIKA kwe-S3, usuphelele umndeni wama-Audi A3 athuthukisiwe eNingizimu Afrika.

Kuqale kwatheleka i-A3 Sportback neSedan kwase kulandela umakhonya womndeni iRS 3 Sportback neSedan.

Njengamanje sekutheke ephakathi nendawo iS3 efika nezinguquko, ezinkulu ezisemathunjini.

Injini engu-2.0 litre turbocharged kaphethroli isinyuswe amandla ngo-32kW aba ngu-245kW njengoba phambilini bekungu-213kW.

I-torque inyuke ngo-20Nm yaba ngu-420Nm.

Amandla enza isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-4.7 okuyinto ethuthuke ngo-0.8s futhi ijubane ligcina ku-250km/h.

I-Audi S3 ifika nezipikha zeSonos ne-sunroof ongadingi ukukwengezela mali

Image: Fanelesibonge Bengu

Kwa-Audi bakhethe ukuyethulela eRedstar Raceway eDelmas, eMpumalanga.

Yilapho sithole khona ithuba lokuvivinya i-torque splitter abayifake ngemuva. Kungokokuqala inayo njengoba ekuqaleni ibikwiRS 3 kuphela.

Yenza ukuthi ujike ikhona kahle ngesivinini kunciphe i-understeer (ukuthi imoto ingafuni ukujika ngendlela oyikhomba ngayo).

Lokhu ikwenza ngokuthi ishintshe indlela efaka ngayo amandla emasondweni angemuva. Uma ujikela ngakwesokudla amandla iwanyusa kakhulu esondweni langakwesokunxele. Uma ujikela ngakwesokunxele amandla iwafaka esondweni ngakwesokudla.

Uma uhamba ngesivinini empeleni uyakuzwa lokhu ikwenza.

Ibizwakala ibambelela emakhoneni ngamasondo anamarimu angu-19-inch.

Uma kungathiwa angikhethe ngingathatha eyi-sedan ngoba iyona engiyizwe imnandi ngisho senza i-drifting.

Uma uthanda usukwazi ukufaka i-Akrapovic exhaust system ka-R80 000.

Nokho uma ushintsha u-gearbox oyi seven-speed S tronic ayinawo umsindo otheni ka-vrrr pha.

Ukuze ikwazi ukumelana namandla athe xaxa bathe ukunyusa amabhreki ngaphambili lapho kunama-calipers abomvu.

Izinguquko azigcini emathunjini kuphela kodwa nangaphandle bathe ukuyithinta njengakwi-A3 ejwayelekile. Empeleni uma unganakile ngaphambili ungathi iyafana ne-A3 ize yehluke ngemuva lapho kunezinqawe ezine.

Inama-headlights angamaLED nama-daytime running lights ongakwazi ukushintsha indlela akhanya ngayo. Phezulu inama-panoramic sunroof. Uma ungena ngaphakathi ufica igiya elishintshile elincane nama-air vents. Njengakwi-A3, iyakhanya ezicabheni ngaphakathi.

Isiteringi ngezansi siyisibaca, inezipikha zeSonos ne-two zone climate control.

Noma inokuningi efika nakho kodwa kunokunye futhi okumele ukwengeze uma ukufuna kugcine sekunyuka intengo.

Noma kunjalo kodwa isibukeka kahle kodwa okukhulu wukuthisekumnandi mawala ukuyishayela.

Intengo:

S3 Sportback – R1 090 100

S3 Sedan – R1 106 100

Zifika ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km