I-GEELY E5 entsha ehamba ngogesi webhethri
Image: Fanelesibonge Bengu
IMOTO: GEELY E5 ne-E5 EM-i
NGESIKHATHI sisendleleni siyothamela umcimbi wokwethulwa kweGeely Auto South Africa kuqubuke ukudideka emotweni sibuzana ukuthi igama layo libizwa kanjani.
Indaba ibisekutheni sithi siliphimisa sithi jili noma gili?
Akuphelanga isikhathi esingakanani yavela impendulo izikhulumi sezilibiza zithi yijili.
IGeely le yinkampani yaseChina ephethe iVolvo, eke yaba khona emakethe yakuleli kodwa yenyula eminyakeni edlule njengoba isibuya nje.
Okwamanje izethule kabusha ngezimoto ezimbili i-E5 ehamba ngogesi kanjalo ne-E5 EM-i eyi-hybrid.
Izinhlelo ziyaqhubeka njengoba behlela ukuletha nezinye izimoto zezinkampani ezingaphansi kwayo okuyiZeekr, Farizon neRiddara ngonyaka odlule.
Lama SUV ebuye ngawo ungathi ayafana kodwa kukhona ahluke ngakho.
I-E5 ithe ukuba mfishane kancane kune-E5 EM-i. Bheka ngoba i-E5 EM-i ine-wheelbase engu-2755mm nebhuthi engu-528 litres. I-E5 ngakolunye uhlangothi i-wheelbase ingu-2 750mm nebhuthi engu-461 litres.
Nangaphandle zicishe zifane.
I-E5 ifika ngezinhlobo ezimbili i-Aspire ne-Apex. Ngaphandle zinamalambu angamaLED namarimu angu-18 inch okanye u-19 inch, kuya ngenhlobo yakho. Izibambo zezicabha ziyanyamalala uma isihamba noma uyikhiyile azifani neze-E5 EM-I.
Ngaphakathi izihlalo ziyisikhumba futhi ezangaphambili zihlelwa ngogesi kanti zikhipha nomoya opholile uma kushisa. Esomgibeli ngaphambili bengikwazi ngisho ukusenza siqonde ngahlala nganaba. Kwi-Apex esomshayeli siyakuwotawota.
Ngemuva ivuleke kahle ilayisha abagibeli abayisihlanu kahle, okubalwa nomshayeli. Njengomkhaya bayo, inobhazabhaza we-touchscreen infotainment system ngaphambili engu-15.4 inch.
Yilapho wenza khona okuningi njengokuhlela amazinga okushisa, udlala khona umsakazo, ikuvezela ingaphandle ngamakhamera asemzimbeni futhi uhlele khona nokunye. Ngihluleke ngancama ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay yize bethi ikhona.
Ngibone kwi-E5 EM-i bethi ukuxhuma nge-Android Auto kuzoqala ukutholakala ngekota yokuqala ka-2026 uma isithuthukiswa i-software online. Eminye imininingwane ivela kwiHead-up Display nakwi-instrument cluster engu-10.2 inch.
Ngaphakathi iGeely E5 ine-touchscreen infotainment system enkulu njengezinye izimoto ezivela eChina
Image: Fanelesibonge Bengu
Okunye okungaphakathi yizindawo zokushaja nge-USB nangaphandle kwentambo bese kuthi okhakhayini kube ne-panoramic sunroof.
Ngesikhathi ngingena esihlalweni somshayeli angilibonanga ibhathini lokuyidumisa kunalokho kube wukuyidaka kuD ngegiya eliseceleni kwesiteringi yabe isiyaqala iyanyakaza.
Uma uhamba ngesivinini esiphansi ibiyenza umsinjwana omncane osamculo engingazi noma owokukutshela nabangaphandle ukuthi iyanyakaza yini njengoba ingadumi.
Izimoto zikagesi engike ngazishayela phambilini zivele zigxume zihlale uma unyathela amafutha kodwa lapha amandla iwanyusa ngesizotha nokuyinto enhle.
Amandla lawa angu-160kW ne-torque engu-320Nm. Ibhethri layo iLithium Iron lingu-60.22 kWh. Uma ligcwele kwi-Aspire bathi ungahamba 430km kuthi kwi-Apex uhambe 410km.
Ukuyishaja ngeDC charger engu-11kW kuthatha amahora angu-6.1 ukuyigcwalisa. KwiDC charger engu-100kW kuthatha imizuzu engu-20 ukuyisusa ku-30% iye ku-80%.
IGeely izethule kabusha emakethe yakuleli ngale E5 enewele i-E5 EM-i
Image: Fanelesibonge Bengu
Uma uthanda uyakwazi nokuyisebenzisa njenge-generator uxhume izinto zasendlini. Kwezokuphepha bathi yathola izinkanyezi ezinhlanu ihlolwa ngabe-Euro NCAP.
Inanenqwaba yezinsiza zomshayeli.
E5 EM-i
Okuningi okukwi-E5 uyakuthola kwi-E5 EM-i. Lapha ngibala amalambu angamaLED, amarimu angu-18 inch kwi-Aspire no-19 inch kwi-Apex.
Izibambo zezicabha zayo akuzona ezivalekayo uma uyikhiya.
Nayo ngakaphakathi ine-Head-Up Display, instrument cluster engu-10.2 inch ne-touchscreen infotainment system engu-15.4 inch. Nakhona izihlalo zintofontofo futhi zihlelwa ngogesi ngaphambili.
Ngiyishayele kancane kodwa ngiqaphele ukuthula kwayo ngaphakathi noma unyusa isivinini.
Nanoma sekuduma injini kaphethroli ayizwakali kakhulu. Amandla ayo angu-160kW kuthi awenjini kaphethroli abe ngu-73kW. Ibhethri lingu-18.4 kWh.
Uma ithangi ligcwele kanjalo nebhethri, bathi ungahamba 943km. Ezokuphepha ziyinqwaba njenge-E5.
Intengo:
E5 EM-i - R599 999
E5 EM-i Apex - R679 999
E5 Aspire - R699 999
E5 Apex - R759 999
Zifika ne-warranty yeminyaka eyisithupha noma u-150 000km, i-warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-200 000km ne-roadside assistance yeminyaka emihlanu. I-E5 EM-i ine-service plan yeminyaka emihlanu noma u-75 000km kuthi i-E5 be neyeminyaka eyisithupha noma u-120 000km. Ziphinde zifike ne-wallbox charger yamahhala.
Related Topics: