Isexwayiso ngamaqola kwabathenga izimoto esidlangalaleni

Fanelesibonge Bengu|Published

Kuxwayiswa ngabazothenga izimoto esidlangalaleni ukuthi bagade amaqola

Image: Sithunyelwe

NJENGOBA sekusondele amaholidi okuphela konyaka, abanye bazosebenzisa imali yamabhonasi ukubheka izimoto ezintsha.

Ngeke bagcine ngokubheka emagaraji kodwa bazothungatha nasezindaweni ezidayisa izimoto esidlangalaleni bukhoma noma-online.

Kulezi zindawo kudayiswa izimoto ezidliwe noma ezingamasekeni ngentengo econsisa amathe.

IWesbank ixwayisa ngokuthi namacala okukhwabanisa aba phezulu uma abathengi bematasa.

Ithe ngasekupheleni kuka-2024, cishe bangu-70% abantu bakuleli abahlaselwe ngabakhwabanisi lapho abagilwa belahlekelwa khona yimali engaphezu kukaR12 500.

Ubugebengu obenzeka emabhange bunyuke ngo-86% lapho kulahleke khona u-R1.888 billion futhi ubuqola obenzeka lapho kudayiswa khona izimoto esidlangalaleni kudlale indima enkulu.

Okhulumela i-Wesbank, uLebogang Gaoaketse uthe izinkundla zokudayisa izimoto esidlangalaleni zinikeza abantu bakuleli ithuba lokuthenga izimoto ezisezingeni ngemali engcono.

“Kubalulekile kodwa ukuqaphela. Ukuqonda indlela izigebengu ezisebenza ngayo yiyona ndlela yokuqala yokuzivikela,” kusho uGaoaketse.

Uthe nazi izinto ezijwayelekile:

Yintengo engakholakali

Amaqola ajwayele ukufaka izzimoto ezindalini ngemali engaphansi kwebiza yona ukuheha abathengi. IHilux ebiza uR350 000 angayiklelisa ngokuthi idayisa uR180 000 noma iVW Polo ebiza uR250 000 ingakhangiswa ngokuthi idayisa ngo-R120 000. Ama-webste omgunyathi ajwayele ukwenziwa ngathi ngawangempela.

 Amaqhinga okukufaka ngaphansi kwengcindezi

Abakhwabanisi benza ngathi kunesimo esiphuthumayo bethi ukudayisa kuzovalwa noma kunabanye abafuna ukuyithenga imoto. Le ngcindezzi yenza umthengi agcine esethatha isinqumo ephuthuma.

Ukufuna isamba esikhulu sediphozithi

Amaqola angafuna idiphozithi ukugcina noma ukususa imoto endalini. Abanye basebenzisa imininingwane yasebhange ebukeka ngathi ngeyezikhungo ezinegama. UGaoaketse weluleke ngokutthi ngaphambi kokukhokha idiphozithi kumele ubheke ukuthi inkampani ibhalisiwe yini kwiSouth African Institute of Auctioneers.

Isicelo semininingwane yakho

Izinkundla ezisemthethweni ngeke zifune inombolo yakho kamazisi, eyasebhange noma ama-password ngaphambi kokuthi kuqale umbango wokuthenga. Amaphutha emibhalweni noma ukushoda kwemininingwane yokuxhumana nabo yizixwayiso zobuqola.

Hlola ngaphambi kokukhokha

Ungalinge ukhokhele imoto ongayihlolanga bukhoma. Bheka imoto emagcekeni alapho idayiswa khona futhi fika nomuntu onolwazi ngezimoto.

Yazi ukuthi izinkampani zisebenza kanjani

Izinkampani zangempela ezidayisa izimoto esidlangalaleni zivula uhlelo lokubhalisa, imali yokubekisa, imibandela ephephile nendlela ephephile yokukhokha.