Kuqhubeke nokunyuka ukuthengwa kwezimoto ezintsha

Fanelesibonge Bengu|Published

IToyota idayise izimoto ezingaphezu kuka-13 000 ngoNovemba

Image: Sithunyelwe

UKWEHLA  kwentengo kaphethroli, ukunyuka kwamandla emali nenzalo yemalimboleko ngezinye zezinto i-naamsa ezibone njengezibe nomthelela omuhle ekunyukeni kwesibalo sezimoto ezidayiswe ngoNovemba.

NgoNovemba kube yinyanga yesihlanu kulandelana kudayisa izimoto ezingaphezulu kuka-50 000 ngenyanga eyodwa.

I-naamsa ithe zibe ngu-54 896 izimoto ezidayisiwe nokuyisibalo esinyuke ngo-6 113 noma u-12.5% uma kuqhathaniswa noNovemba wango-2025.

Lokhu kwenze izibalo zonyaka zanyuka ngo-15.4% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.

I-naamsa iveze ukuthi izimoto ezidayiswe ngaphandle kwakuleli zibe ngu-35 848. Zehle ngo-1 437 noma u-3.9% uma kuqhathaniswa noNovemba nyakenye. Yize kunjalo kodwa selokhu kuqale unyaka isibalo sinyuke ngo-5.6% uma kuqhathaniswa noJanuwari kuya kuNovemba nyakenye.

Nazi izinkampani ezidayise kakhulu:

1. Toyota - 13 576

2. Suzuki Auto - 6 385

3. Volkswagen Group SA - 6 044

4. Ford Motor Company - 3 095

5. Hyundai Auto SA - 3 051

6. GWM SA - 2 534

7. Chery Auto SA - 2 506

8. Isuzu Motors SA - 2 124

9. Kia SA - 1 828

10. Renault - 1 415

11. Omoda and Jaecoo SA - 1 408

12. Mahindra - 1 403

13. Nissan - 1 330

14. BMW Group - 1 251

15. Jetour SA - 1 235