NG ITata ibuye ngamandla eMzansi iholwa yiHarrier

Fanelesibonge Bengu|Published

ITATA Harrier entsha igabe ngamalambu angamaLED namarimu angu-18-inch

Image: FANELESIBONGE BENGU

IMOTO: TATA HARRIER

ISIZULU sithi ukuhlehla kwenqama akusho ukubaleka kodwa isuke ithatha amandla.

Yisisho esisidweba sicace isithombe ngeTata Motors Passenger Vehicles okuthe ngo-2019 yaxebuka emakethe yaseNingizimu Afrika.

Nokho ngo-Agasti ibuye ingasagayelwe mphako ngaphansi kweMotus ivula amagaraji angu-40 ezweni.

Yethule kanye kanye izimoto ezine ezintsha okuyiTiago, iSUV encane iPunch, i-SUV eyi-coupé iCurvv nenye i-SUV iHarrier.

IHarrier ngigcina ngayo ngoba yiyona ehleli esicongweni somndeni futhi ilikhombisa kahle nezinga iTata ebuye ikulo.

Phela yakhelwe phezu kwesisekelo seLand Rover Discovery Sport kwazise le nkampani yase-India yiyo ephethe iJaguar Land Rover.

Ngaphandle ibukeka kahle ngaphambili nge-grille ephicwe ngemihlobiso ecwebezelayo. Amalambu ekhanyisa ngawo angama-LED ahlanganisa nama-daytime running lights ukuze nakanjani uyibone uma iqhamuka ngisho emini. Amalambu akhanya emini awagcini ngokuhlobisa kodwa ngezinye zezinto ezengeza ezokuphepha ezimotweni zakamuva ukuze abanye abashayeli bahlale bekubona.

Iphinde ibe nebhonethi okungathi iqumbile okuyinika isithunzi sokuba yiSUV kanjalo nama-roof rails okhakhayini olumnyama okuwumbala ohlukile kowomzimba.

Ubuhle bayo bupheleliswa ngamarimu angu-18-inch kanjalo namalambu angamaLED ahlangene ngemuva.

ITATA Harrier inamakhamera ngaphambili, ngemuva, ezinhlangothini kanjalo nama-sensor asiza ngokuthi ungashayisi uma upaka

Image: Fanelesibonge Bengu

Angikuveze ukuthi ama-indicator akhanya sakudweba nokuyinto ebukeka kahle.

Uma ungena ngaphakathi iyakukhombisa ukuthi yimoto yomndeni elayisha abagibeli abayisihlanu ngenxa yokuvuleka kwayo kwazise ine-wheelbase enkulu engu-2 741mm. I-wheelbase iyenza ibe nkulu kunezinye izimoto encintisana nazo esigabeni samaSUV aseqophelweni eliphezulu.

Njengomshayeli uhlala esihlalweni sesikhumba kanjalo nabo bonke abagibeli.

Ngikuthandile ukuthi njengoba sekuyisehlobo nje, izihlalo zangaphambili uyakwazi ukuzibandisa.  Izihlalo uzihlela ngogesi.

Okunye engikuthandile wukuthi umgibeli uyakwazi ukuzihlelela amazinga okushisa ngendlela engafani neyomshayeli nokuyinto oyenza nangokukhuluma nayo.

Ne-panoramic sunroof uyakwazi ukuyivula ngokuyitshela bese kungena ukukhanya ngaphakathi.

Ngisakhuluma ngokukhanya, isiteringi naso siyakhanya uma usuyidumisa kuvele uphawu lakwaTata. Sinamabhathini nawo akhanyayo okulawula izinto ezifana nomsakazo, ukubamba ucingo, ukushintsha okuvela kwi-digital instrument cluster engu-10.25-inch nokunye.

Phakathi nendawo ine-touchscreen infotainment system engu-12.3-inch. Ngale kokudlala khona umsakazo ezipikheni ezikhala kamnandi, uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Andoid Auto nokunye.

Ngesikhathi ezinye izinkampani zithi konke kumele ukwenze kwi-touchscreen nokugcina kuphazamisa uma ushayela, ngikuthandile ukuthi kwiHarrier kusekhona amabhathini, angelona uxhaxha, enza impilo ibe lula.

IVULEKILE ngaphakathi iTata Harrier enezihlalo zesikhumba eziphinde zibande ngaphambili

Image: FANELESIBONGE BENGU

Njengoba ivulekile nje ngaphakathi, inezindawo eziningi zokubeka izinto njengeziphuzo futhi phakathi nendawo lapho uphumuza khona ingalo ngaphansi kunesiqandisi.

Okunye okuningi yizindawo zokushaja nge-USB ngaphambili nangemuva okuhlanganisa neyokushaja ngaphandle kwentambo.

Ibhuthi, evuleka ngogesi, inesikhala esingu-445 litres okuthi uma ulalise izihlalo isikhala sibe ngu-815 litres.

Yize ihlukene ngezinhlobo ezintathu ezinentengo eqala ku-R549 900 kodwa zonke zinenjini eyodwa engu-2.0 turbo kadizili. Inamandla angu-125kW ne-torque engu-350Nm.

Ngicabanga ukuthi bakhethe injini ekahle ngoba inamandla abezwakala enele. Nokudlula ezinye izimoto bekungabi wumthwalo onzima ngoba amandla iwathumela ngokushesha emasondweni.

Nomgwaqo bengiwubona kahle ngoba iphakeme.

Ibhalansisa kahle amandla nokonga njengoba ngo-100km idla amalitha angu-6.6 nokuyinto enhle.

Kwezokuphepha abayincishanga njengoba inezinkanyezi eziyisihlanu eyazithola ihlolwa ngabeGlobal NCAP njengoba inama-airbag ayisikhombisa nokunye.

Isisekelo eyakhelwe phezu kwaso sisize nokuthi ikwazi ukuthola inqwaba yezinsiza zomshayeli ezingaphezu kuka-20.

Ngolimi lwasezinkundleni zokuxhumana bebezothi “Thatha le nto, ayinabungozi”.

Phakathi kwenakho wukuthi ikusize ukuhlala emzileni ngokuzijikisa isiteringi, emgwaqweni ovulekile ikwazi ukuhamba ngesivinini osikhethile iphinde izinciphisele uma kunemoto ephambi kwayo okwakho kube wukubamba isiteringi, iyazibhrekela uma izoshayisa, iyakuxwayisa uma kunobungozi ngaphambili nangemuva nokunye. Uma ushintsha umzila ushaya i-indicator ikuvezela ingaphandle kwi-digital instrument cluster.

Intengo

Tata Harrier 2.0TD Fearless + AT  - R699 900

Iphuma ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-75 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-125 000km.