IFORD Motor Company of Southern Africa (FMCSA) ingenye yezinkampani ezihlabe ikhwelo kubanikazi ukuthi babuyise izimoto ezahlukene ukuze zizolungiswa izinkinga ezihlonziwe
Image: SIGCINIWE
INHLANGANO iSouth African Automobile Association (AA) ithi izimemezelo zezinkampani zokuthi abanikazi bezimoto kumele bazibuyisele emagaraji ukuze ziyolungiswa okuthile kuyizinkomba zokuthi azihlolisiswa ngaphambi kokudayiswa.
I-AA ithe ngo-2025, iNational Consumer Commission (NCC) ikhiphe izimemezelo ezithinta izimoto ezingaphezulu kuka-50 000 zezinkampani ezahlukene.
Ithe yize izicelo zokuthi abanikazi kumele bazibuyise ziyohlolwa izinkinga ezisuke sezitholakale kodwa yinto eyenzeka emva kwendaba futhi engenele ukugwema umonakalo.
“Lokhu kuqinisekise ukuthi izimemezelo zifika isikhathi sesihambile lapho izimoto ezinenkinga sezivele zikubantu zishayelwa ngabashayeli abangasoli lutho,” kusho i-AA.
Ithe lokhu kukhombisa ukwahluleka ekuboneni inkinga kusanesikhathi futhi esikhundleni sokugwema ingozi, izimemezelo zenziwa ubungozi sebukhona nokubeka abashayeli, abagibeli nabahamba ngezinyawo engcupheni engagwemeka.
Izimemezelo ezenziwe yiNCC ngezimoto okumele zibuyiselwe emagaraji zihlukene ngezinkampani. Kwezinye bezimayelana nama-airbag angase aqhume uma efutheka kunengozi, amabhande angababambi kahle abashayeli, amabhethri angase ashise kuze kweqe agcine esegqamuka amalangabi, ngezisengcupheni yokuvuza uphethroli nokunye okungadala ingozi.
I-AA ithe lokhu bekungathinti kuphela izimoto kodwa nezithuthuthu ezinenkinga yenjini namagiya.
Ithe enye inkinga ekhona ukuthi kuthenjelwe kuzona izinkampani ezikhiqiza izimoto ukuthi zikhiphe imininingwane ngoba alukho uhlaka oluzimele oluvivinya ukuphepha kwezimoto ngaphambi kokuthi zidayise.
I-AA ithe uhlaka olubheke abakhiqizi bezimoto iMotor Industry Ombudsman of South Africa (MIOSA) eyeseka iNCC uma sekukhishwe isimemezelo ngezimoto okumele ziyolungiswa
“I-MIOSA inethimba elincane okungabantu abathathwe embonini yezimoto. Laba ngabantu isikhathi esiningi abasondelene nezinkampani ezihlinzeka ngamaphathi, abakhiqizi noma noma abahlinzeka ngokunye ngesikhathi lapho kufuneka ungoti ozimele ozohlola.”
Ithe izwe kumele lithole izindlela zokugwema ukuthi kuze kufike isikhathi sokuthi izimoto zicelwe ukuba ziyolungiswa.
I-AA ithe kumele iNCC ibambisane nezinhle izinhlaka nayo ukuze kuqhanyukwe nohlelo lokuhlola izimoto ziphinde zigadwe uma sezisemakethe.
Related Topics: