Isithelekile iRenault Kiger ethuthukisiwe

Fanelesibonge Bengu|Published

IRenault Kiger ethuthukisiwe efikile eNingizimu Afrika ezolandelwa ngenenjini ene-turbo ngo-2026

Image: Sitthunyelwe

IMOTO: RENAULT KIGER

IKIGER yimoto ebalulekile kwaRenault edayisa ubuthaphuthaphu kusuka yaqala ukudayisa eNingizimu Afrika ngoSepthemba 2021.

Isikhulu sakwaRenault eNingizimu Afrika, uShumani Tshifularo, sithe ukubaluleka kwayo kwenze bangafuna ukulinda unyaka ozayo ukuthi bayethule uma sekufika nenenjini ene-turbo.

Uthe ingenye yezimoto ababuyisa ngayo igama labo njengoba beqale ngeTriber okuzothi ngenyanga ezayo bethule iCaptur entsha. Uthembise ukwethula izimoto ezintsha ngonyaka ozayo.

IKiger eyethuliwe ngenenjini engu-1.0l engenayo i-turbo. KwaRenault bathi kwangu-28 000 asebewadayisile kusuka ngo-2021, angu-15 kuwona angenayo i-turbo.

Inamandla angu-52kW ne-torque engu-96Nm. Kukhona u-gearbox oyi-5 speed manual nozishintshayo oyi-AMT.

Ayimfuni umuntu othanda ijubane ngoba alikho. Uma ufuna isheshe kumele wehlise amagiya “uyiklinye” nokuyenza ibange umsindo.

KwaRenault bathi lena ethuthukisiwe bayenze yaba ngcono ngokuthula phakathi nokungqangqazela ukuze kube mnandi ukuhamba ngayo.

Okunye okuthuthukisiwe yindlela ebukeka ngayo ngaphandle ikakhulukazi ngaphambili kwi-grille enophawu olusha lakwaRenault. Amalambu ekhanyisa ngawo angamaLED.

Uphawu olusha lukhona nangemuva nalapho abathe uyithintathinta khona.

Ngaphakathi bathi isiqandisi siyashesha ukuzwela ukuze abagibeli baphole njengoba sekungene ihlobo nje. Izihlalo zangaphambili ziyakwazi nokubanda.

Isikhala ngaphakathi bathi benze savuleka ukuze abangaphambili bangashayisani ngamahlombe futhi ebhuthini singu-405l.

Ngaphambili kune-touchscreen infotainment system engu-8 inch. Uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, iveza khona ikhamera esiza uma upaka, udlala umsakazo nokunye.

Ngale kwekhamera, okunye kwezokuphepha nokusiza umshayeli kubalwa i-ABS, EBD, iyasho ukuthi ungakanani umoya osemathayini, inendawo yokufasa isihlalo sengane ne-Eletronic Stability Program, Traction Control System

Intengo:

Renault KIGER Naturally Aspirated MT Evolution                         R219 999

Renault KIGER Naturally Aspirated MT Techno                            R244 999

Renault KIGER Naturally Aspirated AMT Techno                          R254 999

Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km.