Ziyashintsha izikhathi okudunwa ngazo izimoto

Fanelesibonge Bengu|Published

ABASHAYELI baxwayiswa ngokuqaphela ezindaweni abahamba kuzo ukuze bangadunwa izimoto

Image: SITHUNYELWE

ABASHAYELI bagqugquzelwa ukuthi bahlale bemehlomane ngokwenzeka eduze kwabo ngoba ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi ukudunwa kwezimoto kungenzeka noma yinini noma yikuphi.

Lokhu kushiwo wuDuma Ngcobo oyiChief Operating Officer kwaTracker ngesikhathi bekhipha imininingwane ngobugebengu obenzeka ezimotweni.

Ucwaningo ngolwaphakathi kukaJanuwari noJuni nonyaka kanti lucashunwe emakhasimendeni akwaTracker.

Phambilini ubugebengu obuningi babenzeka ngezimpelasonto kodwa manje kuvela ukuthi izimoto zidunwa kakhulu ngoLwesine phakathi kuka-4 ntambama no-9 ebusuku. Ukwebiwa kuyaqhubeka nokudlanga ngemiGqibelo phakathi kuka-11 ekuseni no-4 ntambama.

“Indlela okwenzeka ngayo ubugebengu iyashintsha futhi ukushintsha kwendlela okudunwa ngayo kuyakhombisa ukuthi kungenzeka noma yinini, noma yikuphi nokwenza kube mqoka ukuthi uhlale ugadile lapho ukhona. Amabhizinisi wona kunezinyathelo angazithatha ukunciphisa ubungozi ngokufaka ubuchwepheshe obufana namakhamera akwi-dashboard asebenza nge-AI akwazi ukubona ubuso bomuntu, amakhamera aveza wonke umzimba wemoto, ama-sensor ezicabha namabhathini abashayeli okufuna usizo ngokushesha. Lokhu kungenza abaphathi bakwazi ukuphendula ngokushesha uma kunezigameko,” kusho uNgcobo.

Ucwaningo luveza ukuthi izinsuku okujwayele ukudunwa ngazo izimoto azifani ngokwezindawo.

EGauteng kujwayele ukudunwa ngoLwesibili phakathi kuka-11 ekuseni no-4 ntambama.

KwaZulu-Natal khona zidunwa kakhulu ngoLwesithathu ngo-4 ntambama kuya ku-9 ebusuku kuthi eWestern Cape kube wuLwesithathu phakathi kuka-6 ekuseni no-11 ekuseni.

Luveza ukuthi izimoto zebhizinisi kunamathuba angu-48% kunokungezona ukuthi zibhekwe yizigebengu.

IMpumalanga isibonakala njengenye yezindawo ezithandwa yizigebengu lapho zigadla khona kakhulu phakathi nesonto kunangezimpelasonto.

Ubugebengu obukhulu benzeka eGauteng.

Ezweni jikelele ukudunwa kwezimoto zamabhizinisi kwenzeka ngokuphindwe kabili kunokutshontshwa kwazo.

Ezimotweni okungezona ezamabhizinisi ezweni jikelele ukudunwa nokwebiwa kuyalingana.

E-Eastern Cape kodwa amathuba okuthi udunwe imoto aphindwe kahlanu kunokuthi yebiwe.