Inethuba lokuheha ngisho amakhasimende amasha i-Isuzu MU-X Onyx XT

Fanelesibonge Bengu|Published

I-Isuzu MU-X Onyx XT iheha ngendlela ebukeka ngayo njengoba ine-grillle ecwebezelayo ngaphambili namarimu angu-20 inch

Image: Fanelesibonge Bengu

IMOTO: ISUZU MU-X

ANGAZI ukuthi kudalwa yini kodwa sekuvamile ukuthi uma ngihamba ngemoto ngizithole sengihlangana nezinye ezifana nayo noma ezindala.

Kwenzekile ngihamba nge-Isuzu MU-X Onyx XT ngazithela phezu kwamanye.

Mhlawumbe amehlo asuke eseqaphela kakhulu ngoba nami ngihamba ngayo kodwa okungijabulise kakhulu wukubona iFrontier ipake eduze nomgwaqo.

Ngithe ngisendaweni yokupaka izimoto esikhumulweni sezindiza ngabona kupake iMU-X yokuqala eyafika ngo-2018.

Konke lokhu kungikhumbuzile ukuthi kwa-Isuzu basukaphi nama SUV abo kuze kube yimanje lnjengoba sebenale Onyx XT ehleli esicongweni somndeni wamaMU-X.

Le SUV inethuba lokudoba ngisho abebengayinakile iMU-X phambilini ngenxa yobuhle bayo.

Ikuheha nge-grille enkulu nama-headlights angamaLED ayisibaca anama-daytime running lights ngaphezulu.

Bayinyathelisa ngamasondo anobutsetse bamarimu angu-20-inch bese kuthi ngemuva amalambu kube sengathi ahlangene.

Yize isijwayelekile njengoba indala kodwa iToyota Fortuner, ikakhulukazi iVX neGR-Sport, ngizibona zingekho kude ngobuhle.

Konke kusobala ngaphakathi kwi-Isuzu MU-X nokwenza kubę lula ukusheshe uyijwayele

Image: Sithunyelwe

IFortuner yiyona mbangi yayo enkulu kwazise zombili zisuselwe emavenini. Ikhona neMitsubishi Pajero Sport kanjalo nezaseChina okuyiGWM Tank 300 nezinye.

Ngaphakathi izinga liphezulu uyabona ukuthi yimoto ongahlala nayo iminyaka.

Ngaphambili ine-touchscreen infotainment system engu-9-inch okulula ukuyisebenzisa.

Uxhuma khona iselula ngaphandle kwentambo, ikuvezela lonke ingaphandle njengoba inamakhamera umzimba wonke futhi udlala khona umsakazo.

Kunezimbobo eziningi zokushaja nge-USB nangemuva kushoda eyokushaja ngaphandle kwentambo.

Ngiyakuthanda ukuthi yonke into ihleli obala njengamabhathini okuhlela amazinga okushisa, awokufudumeza izihlalo, ele-diff lock nenkinobho yokuyenza idonse ngawo wonke amasondo.

Nasesiteringini kunamabhathini okunyusa nokunciphisa umsindo, cruise control nokucisha izinsiza zomshayeli njengokuthi ikusize ukuhlala emzileni. Zikhona nezinye ziningi.

Abagibeli bahlala ezihlalweni ezinhle zesikhumba futhi ngemuva kunezimbobo zokukhipha umoya. Ukungena ezihlalweni zokugcina kulula kodwa zikahle ezinganeni. Isikhala ebhuthini evuleka ngogesi siyanda uma ulalisa izihlalo.

Le SUV uyakwazi ukuyidumisa ngokhiye ukuze ufike ngaphakathi isipholile noma ifudumele.

Injini yayo ngeyodumo eyisithenjwa kwa-Isuzu engu-3.0 litre turbo kadizili.

Inamandla angu-140kW ne-torque engu-450Nm bese kuthi u-gearbox ube yi-6 speed automatic.

Okokuqala engikuqaphelile ngiyisusa wubulula bokuyishayela. Igiya lingena kalula bese iba nesiteringi esithambe kahle nokwenza ingasindi ngisho uyipaka.

Ngiqaphele ukuthi isintofontofo kakhulu kunakuqala naphezu kokuthi inamasondo anamarimu amakhulu.

Amandla inawo noma engafiki sezingeni leFortuner ekhipha 165kW.

Ngenxa yobuhle bayo ungaze usabe ukuyifaka obhuqwini kodwa iyi-4x4 ngokugcwele futhi enazo zonke izinsiza zakhona njenge-diff lock, low range nezinye.

Kudizili ibidla 9.8l ngo-100km.

Intengo:

Isuzu MU-X Onyx XT 4x4 A/T - R1,026,800