Kulindeleke amaqembu ama-4x4 angaphezulu kuka-15 kwiNgodini Bunduz Games

Fanelesibonge Bengu|Published

AMA-4x4 azobe encintisana ngokuqwala izintaba eNgodini Bunduz ngempelasonto yokugcina kuNovemba

Image: SITHUNYELWE

NGESIKHATHI abanikazi bama-4x4 benza amalungiselelo okugcina okuyontincisana ngezimoto zabo emidlalweni amaNgodini Bunduz Games, eNgodini Bunduz, eShowe ekupheleni konyaka, abahleli bavivela ukuveza okusha abazokwethula.

Le midlalo izobe igubha iminyaka eyisishiyagalolunye yaqalwa ngoNovemba 28 kuya kuNovemba 30.

Abashayeli bama-4x4 bancintisana ngemidlalo ehlukene njengokuqwala intaba, ukuwela umfula, ukuhamba odakeni neminye.

Umsunguli wayo ophinde abe wumnikazi weNgodini Bunduz & Adventure, uTP Mabaso, uthe angaphezulu kuka-15 amaqembu ama-4x4 asekuqinisekisile ukuthi azoba yingxenye yalo mdlalo.

“Kuzoqopheka umlando ngoba maningi amaqembu azayo. Kukhona elisuka eMpumalanga iTeam Krag, kuneTeam Nkunzi esuka e-Eastern Cape, iTeam Nogwaja namanye. INguni Offroad ifana nosokhaya nayo izobe ikhona. Kukhona elisha okuthiwa yi-Ezehlathi nalo eliqinisekisile, iBlack Jeepers neThrill Seekers edume kwi-Ignition kwithelevishini,” kusho uTP.

Uthe ngisho abangahambi ngama-4x4 bavumelekile ukuzothamela babuke baphinde bagibele izithuthuthu ezinamasondo amane namahhashi.

U-TP Mabaso edlala isithuthuthu esinamasondo amane eNgodini Bunduz

Image: SITHUNYELWE

“Akusiwona umdlalo wama-4x4 kuphela kodwa sekuyinto evuleleke emphakathini wonke. Sizoba namabutho azobe eviliyela nezintombi bekhombisa isintu sethu. Sijwayele ukuthi sibe noDJ kodwa kulokhu zibuyela emasisweni ngoba sizoba namaqembu engoma endawo. Azoba khona namabhendi azonandisa. Kukhona namaqembu abaTswana ngoba sifuna ukwabelana ngamasiko sikhumbule imvelaphi yethu,” kuchaza uTP.

Uthe imidlalo yabo ihlanganisa abantu bangagcini ngokudlala kodwa bathole ithuba lokwakha ubungani namathuba amabhizinisi.

Uveze ukuthi njengoba izodonsa izinsuku ezintathu nje, kuzobe kwenziwa izinto ezahlukene.

“Siqhakambisa ezokuvakasha eNgodini, eShowe nasesifundeni sonke iKing Cetshwayp ngoba sizophuma sivakashele izindawo ezinomlando. NgeSonto sizohamba siye edamini iPhobane siyodlala izikebhe nama-jet ski. Abanye bathe bayoze bahambe ngoLwesibili. Ngenxa yesasasa siyinwebile indawo yokugxumeka amatende. Ngingasho ukuthi u-70% wawo usuthathiwe. Nezindawo zokulala esizakhele nazo ziyagcwala.”

Uthe amathikithi athengwa ubuthaphuthaphu ngoba awesigaba sokuqala asedayise aphela. Sekusele aqala kuR400 eTicketpro.