KWAFORD bazokwethula injini entsha i-2.3l EcoBoost kaphethroli kwiRanger ne-Everest ngonyaka ozayo
Image: Sithunyelwe
KWAFORD babuyekeza uhla lwezinjini kumaRanger ne-Everest ngokwethulwa entsha engu-2.3 litre EcoBoost kaphethroli.
Bathi engu-2.0l Bi-Turbo kadizili kuzoqedwa ezinawo bese ingabe isatholakala.
Le njini inamandla angu-154kW futhi isebenza ngo-gearbox oyi-10 speed auto.
Injini entsha kaphethroli izofakwa kwiRanger ne-Everest. Iyi-4-cylinder ene-turbo futhi ikhafula amandla angu-222kW ne-torque engu-452Nm.
KwaVolkswagen, basanda kuyethula kwi-Amarok kwazise yona neRanger zakhiwa ndawonye.
Le njini iphinde isebenze nakwezinye izimoto zakwaFord emhlabeni jikelele futhi izofakwa u-gearbox oyi-10 speed automatic.
Injini engu-2.0l turbo kadizili bayithuthukisile ngokufaka i-timing chain entsha ukuze ihlale isikhathi eside namandla. Baphinde bathuthukisa no-gearbox wayo oyi-10 speed automatic.
Isizotholakala kwiXL neXLT.
Injini kadizili engu-3.0l V6 turbo bathi isizotholakala nakwezinye izinhlobo zamaRanger nama-Everest.
Imininingwane egcwele kulindeleke ukuthi idalulwe uma sezethulwa ekuqaleni konyaka ozayo.
Related Topics: