IToyota Hilux entsha ifika nemibala emisha
Image: Sithunyelwe
IMOTO: TOYOTA HILUX
KwaToyota baqede ukulinda nokuqagela bethula intandokazi yeveni iHilux entsha osekukhona kuyo nehamba ngogesi webhethri.
IHilux ibisineminyaka engu-10 ikhona futhi abaningi bese bekubheke ngabomvu ukwethulwa kwentsha okugcine kwenzeka eThailand ngoMsombululo ekuseni.
Yize kwamanye amazwe isizoqala ukudayisa kodwa eNingizimu Afrika ilindeleke ngonyaka ozayo noma isikhathi singakaqinisekiswa.
Kuzojabula abaningi ngezinguquko ezenziwe ngaphakathi kwiToyota Hilux entsha njengoba ekhona ibisikhombisa ukuthi indala
Image: Sithunyelwe
Injini engu-2.8 litre turbo-diesel enamandla angu-150kW isazoqhubeka nokutholakala. Isebenza no-gearbox oyi-6 speed automatic.
Kusekhona nenenjini engu-2.8 litre kadizili ene-48V mild-hybrid system.
Ekagesi ine-lithium-ion battery engu-59.2 kWh abathi ungahamba amakhilomitha angu-300 uma ligcwele.
Ngemuva eceleni iHilux sebeyifake isitebhisi sokugibela kalula esikhenkeni
Image: Hilux
Idonsa ngawo wonke amasondo futhi inamandla angu-144kW.
Izoba yimbangi ye-Isuzu D-Max yona enebhethri engu-66.9 kWh futhi enamandla angu-130kW.
Ngo-2028 kuzokwethulwa iHilux ehamba nge-hydrogen.
I-Hilux entsha ihluke kakhulu ngaphambili nangemuva. Ohlangothini bayishintshe lapha nalapha kwendala.
Kukhona nemibala emisha ezodonsa amehlo.
Yingaphakathi lapho okwenziwe khona izinguquko ezinkulu kwazise endala ibisisalela ngemuva ezimbangini.
Kwamanye amaze kuzotholakala neHilux ehamba ngogesi webhethri
Image: Sithunyelwe
Kukhona i-touchscreen infotainment system engu-12.3 inch oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto.
Negiya akuselona elide kanjalo ne-handbrake.
Okunye abakubalulile kwaToyota wukuthi ifika nobuchwepheshe obusha obusiza umshayeli nobezokuphepha.
Imininingwane ephelele izomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.
Related Topics: