Bayithinte mbijana i-Audi A3 Sedan

Fanelesibonge Bengu|Published

I-AUDI A3 Sedan isifakwe ama-LED daytime running lights okwazi ukuwashintsha ukuthi akhanyise kanjani

Image: Fanelesibonge Bengu

IMOTO: AUDI A3 SEDAN

ISIGABA sezimoto zikaNokusho sithwele kanzima ngenxa yokuthi abantu bafuna izimoto ezishibhile kwazise imali ayibonwa.

Angisayiphathi-ke eyama-sedan, nakhona sishubile isimo abathengi bathanda kakhulu amaSUV.

Kuyajabulisa kodwa ukubona izinkampani ezifana ne-Audi ziqhubeka nokucabangela labo abangazingeni eyezaseChina ezingenisa okoThukela.

Bheka ngoba bathuthukise i-A3 Sportback ne-sedan eqale ukudayisa eNingizimu Afrika ngo-2021.

Yi-sedan engithole ithuba lokuhamba ngayo neyimbangi enkulu yeBMW 2 Series Gran Coupé kanjalo neMercedes-Benz A-Class Sedan.

Uma ungumuntu ongazinaki izimoto ngeke ngikugxeke uma ungathi umehluko awuwuboni ngoba muncane abawenzile.

I-AUDI A3 Sedan Black Edition ibukeka inophawu olumnyama lakwa-Audi, amakhava ezibuko nokunye.

Image: Fanelesibonge Bengu

Ngaphambili, amalambu angamaLED asehlukile. Uma uthanda usuyakwazi ukushintsha ama-daytime running lights ukuthi akhanye kanjani uphinde uwabuyisele endleleni abe khanya ngayo futhi.

I-grille nayo bathe ukuyivula mbijana.

Ebesihamba ngayo bekuyiBlack Edition. Lokho kwenza uphawu lwakwa-Audi ngaphambili lube mnyama lumeshe i-grille, amakhava ezibuko kanjalo nolwangemuva uphawu lumnyama.

Ngemuva bathe ukuyithinta mbijana kwi-grillle kanjalo nakwi-diffuser ngezansi.

I-A3 ifika yiS line okusho ukuthi inamasondo anamarimu angu-18-inch kodwa ebesikuyo bagaxe angu-19 inch owafaka uma uthanda.

Okuphelelisa ubuhle bayo ngaphandle wukhakhayi olune-sunroof.

AZIKHO izinguquko ezitheni ezenziwe ngaphakathi kwi-Audi A3 Sedan

Image: Fanelesibonge Bengu

Ngaphakathi isezingeni noma kungekho okutheni nakhona abakwenzile. Igiya balishintshile kamkalo nezimbobo ezikhipha umoya we-aircon.

Ngasegiyeni kuyindawo ecwebezelayo esheshayo ukukugqamisa ukungcola. Kufana ne-touchscreen infotainment system okungathi ungaba nendwangu yokusula uma sekuthintwe kakhulu.

I-screen lesi siwusayizi okahle futhi engikuthanda kuso wukugqama kahle. Uxhuma iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo, ikuvezela ingaphandle, inkombandlela futhi udlala khona umsakazi ngezipikha ezintsha zeSonos.

Ngiyakuthanda ukuthi amabhathini abawasusanga kuthiwe konke asikwenze kwi-touchscreen njengakwezaseChina.

Amazinga okushisa uwahlela ngebhathini yize engakhanyi ebusuku, izihlalo uciphiza ibhathini kanjalo nama-drive modes nelokuyenza ukuthi izipake yona.

Izihlalo zintofontofo futhi inkulu kahle kubagibeli abayisihlanu amadolo ngemuva abengampintsheki.

Inezindawo zokubeka iziphuzo nesigubhu ezicabheni.

Ibhuthi nayo ngiyibone inkulu kahle futhi uyakwazi nokulalisa izihlalo.

Emgwaqweni ihamba ngenjini engu-1.4 litre TFSI, akufani nakwamanye amazwe lapho kunezinye izinhlobo.

Inamandla angu-110kW ne-torque engu-250Nm kanti isebenza no-gearbox oyi eight-speed Tiptronic.

Inamandla enele kodwa uma ekukhalisa unganyukela kwiS3 esanda kufika ekhafula 245kW okanye iRS 3.

Emuva kokuchitha isikhathi esiningi edolobheni ibidla amalitha angu-9.4 ngo-100km kuphethroli.

I-A3 Sedan le isempini enzima hhayi kuphela nezimbangi zayo zaseJalimane kodwa nasezimotweni ezinentengo ephansi kodwa ezifika nokuningi.

Bazamile kwa-Audi ukuyigaxa okuthe xaxa kodwa okunye kusamele ukwengezele imali nokugcina kunyusa intengo.

Intengo:

A3 Sedan 35 TFSI S tronic Black Edition - R849,500

Ifika ne-maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.