I-Leapmotor yaseChina izibule ngeC10 REEV ehamba ngogesi ene-generator

Fanelesibonge Bengu|Published

ILEAPMOTOR C10 REEV eyethulwe eNingizimu Afrika kuleli sonto

Image: FANELESIBONGE BENGU

IMOTO: LEAPMOTOR C10 REEV

INKAMPANI yaseChina iLeapmotor okwabikezelwa ukuthi iyeza emakethe yakuleli izethula ngeSUV, iC10 REEV, ezolamaniswa ngonyaka ozayo.

ILeapmotor isungulwe ngo-2015 nokuthe ngo-2023 yasayina isivumelwano sokusebenzisana neStellantis.

IStellantis ingenye yezinkampani zezimoto ezinkulukazi emhlabeni njengoba ngaphansi kwayo kuneziningi okubalwa kuzo iJeep, Opel, Citroen, Peugeot nezinye.

Engqungqutheleni yeStellantis eGoli ngoJulayi, kwamenyezelwa ukuthi iLeapmotor iyeza nokuyinto esiyenzeka.

I-C10 REEV ifika nobuchwepheshe obehlukile ehamba ngabo. Ihamba ngogesi kodwa uyakwazi nokuyifaka uphethroli abathi bakwenzela ukuthi abashayeli bengashawa wuvalo lokuthi ingabacishela endleleni.

Ibhethri layo lingu-28.4 kWh. Uma lishajwe lagcwala kugesi bathi ungahamba 145km.

I-screen esingu-14.6 inch ngaphambili kwiLeapmotor C10 REEV sifana nenhliziyo yayo ngoba okuningi ukwenza khona

Image: Fanelesibonge Bengu

Iphinde ibe nethangi likaphethroli elingu-50 litres. Uphethroli ngowe-generator engaphakathi kuyo eshaja ibhethri lenjini kagesi okuyiyo efaka amandla emasondweni. I-generator okanye injini kaphethroli engu-1.5l ayilokothi nakancane ifake amandla emasondweni ngeyokushaja ibhethri kuphela.

Uma ibhethri ukade ungalishajanga kugesi, ngophethroli ungahamba 825km okuthi uma ligcwele nethangi likaphethroli kuntanta isele uhambe 970km.

Yingakho igama layo lijobelelwe ngoREEV (Range Extender Electric Vehicle).

Ngesikhathi ngihamba ngayo ngibe nakho ukudideka okuncane ngoba iyaduma okuwumsindo onyukayo uma usunyathela amafutha njengasezimotweni zikaphethroli. Kusuke kuduma i-generator eshaja ibhethri elifaka amandla emasondweni.

Ukuyishaja kugesi bathi kuthatha imizuzu engu-18 ukusuka ku-30 iye ku-80% kwiDC charger. Kwishaja eyi-AC ithatha amahora amathathu.

Uma usuhamba ngayo uyakwazi ukuthi uhambe ngogesi kuphela i-generator icishe, kukhona no-EV mode lapho i-generator iqala ukuduma uma ibhethri selingaphansi kuka-25%, Fuel lapho i-generator eqala ukusebenza uma ibhethri lehla ku-80% no-Power+ okuyilapho i-generator isebenza khona zisuka.

YikuPower+ futhi lapho wonke amandla ayo angu-158kW ne-torque engu-320Nm iwakhipha khona.

Emgwaqeni ibizwakala ithule kahle ngaphakathi futhi intofotonfoto.

Yimoto yokuhamba imindeni engagijimi njengoba ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-8.5 kanti ijubane ligcina ku-170km/h.

Ngemuva iLeapmotor C10 REEV icishe ifane nePorsche Cayenne

Image: Fanelesibonge Bengu

Ngibone idla amalitha angu-8 ngo-100km kuphethroli.

Njengezimoto zezinkampani eziningi zaseChina, bayifake indathane yezinsiza zomshayeli nezokuphepha. Empeleni bathi ithole izinkanyezi ezinhlanu ihlolwa ngabe-Euro Ncap.

Phakathi kwenakho kubalwa ama-airbag ayisikhombisa, Adaptive Cruise Control, iyakusiza ukuhlala emzileni, iyasho uma uphuma emzileni, iyasho uma umshayeli ebheke eceleni nokunye.

I-C10 REEV ihlukene ngezinhlobo ezimbili okuyiDesign neStyle.

Inamarimu angu-18-inch noma u-20 inch, kuya ngenhlobo yakho. Amalambu angamaLED futhi ngemuva ungacishe uyifanise nezinye zezimoto owake wazibona phambilini.

Ubude bayo bungu-4 739mm ne-wheelbase engu-2 825mm.

Ngibone ivuleke kahle ngaphakathi inesikhala esanele sokulayisha abagibeli abayisihlanu. Isikhala ebhithini esingu-435l.

Ivulwa ngekhadi okumele ulithintise ewindini lomshayeli okuyinto eyinkinga ngoba awukwazi ukuyivula ukude.

Ngaphakathi izihlalo ziyisikhumba futhi zisebenza ngogesi ezangaphambili. Ziphinde zibande zibuye zishise.

Okhakhayini inobhazabhaza we-panoramic sunroof.

Ngaphambili ine-digital instrument cluster engu-10.25 inch. Iphinde ibe ne-touchscreen infotainment system enkulu engu-14.60 inch. Yiyona nhliziyo yayo ngoba ayinamabhathini kodwa konke ukwenza kuyo.

Uma ngithi konke ngibala ukuvula ibhuthi ngemuva, ukuhlela izibuko emaceleni, ukukhanyisa amalambu, amazinga okushisa, ukusetha ama-drive modes, ubona khona ingaphandle, udlala umsakazo nokunye. Iselula uyixhuma nge-Bluetooth hhayi nge-Apple CarPlay/Android Auto. Uyakwazi ukuyiveza yonke ngokwe-mirror. KwaLeapmotor bathembisa ukuthi bazokwazi ukuyithuthukisa nge-internet ukuthi ikwazi ukuxhuma i-Apple CarPlay futhi nezinye izinto bazokwazi ukuzithuthukisa nge-internet.

Okunye abakuthembisayo yi-app yeselula ozoyisebenzisela ukuyivula nokuyivala, ukuyidumisa, ukusetha amazinga okushisa nokunye.

Ngonyaka ozayo bazoyilamanisa ngeB10 kanti bahlela nokuletha iC10 ehamba ngogesi wodwa futhi enamdla athe xaxa.

Intengo:

C10 REEV Style – R759 900

C10 REEV Design – R799 900

Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km kanjalo ne-warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-150 000km.