I-VW Transporter entsha ifika namalambu angamaLED ngaphambili nangemuva ongawangezeli mali
Image: Sithunyelwe
IMOTO: VOLKSWAGEN TRANSPORTER
KUFANELE ukuthi ziqalile izinhlelo zikaDisemba kwabanye njengoba sekubalwa amasonto ngaphambi kokuthi ufike.
Lesi yisikhathi sokushaya umgwaqo kuvakashelwe izihlobo nabangani kokunye kuyongcebelekwa.
KwaVolkswagen Commercial Vehicles bethule ibhasi labo elisha iTransporter elizozifeza kalula izidingo zabafuna ukuhamba ngabaningi.
Akugcini ngokuba khona iKombi yokuthutha abantu abayisishiyagalombili kuphela kodwa kukhona nelempahla iPanel Van nethutha impahla nabantu iCrew Bus elizolandela ngonyaka ozayo.
Uma ubona sengathi iTransporter kukhona ekufanela nayo, awudidekile njengoba yakhiwe ngokubambisana nebhasi lakwaFord iTourneo Custom.
Empeleni yimoto yesibili lena kuleli eyenziwe yiVW ngokubambisana neFord ngemuva kwe-Amarok.
ITransporter yimoto enomlando weminyaka engaphezu kuka-70 ikhona kwaVW kusuka kwiT1 kuya kweyelanywa yilena iT6.1.
Nokho inhloko yakwaVW Commercial Vehicles, uPrincess Ndhlovu, ithe ayibizwa ngeT7 ngoba lelo gama lizosebenza kwabayenze ngokuzimela, iMultivan, abasebenza ngokuzikhandla ukuthi bethule eyi-plug -n hybrid kuleli ekupheleni konyaka ozayo noma ngo-2027.
Uveze nokuthi abavelanga nje bathatha iTourneo Custom kunalokho babe nesandla ekwakhiweni kweTransporter ikakhulukazi ngaphambili.
Ngaphakathi iVW Transporter isinkulu kunendala okwenza abagibeli nempahla babe nesikhala njengoba i-wheelbase isithe xaxa
Image: Sithunyelwe
Ingaphambili liyakhulumisa futhi ngikushiya kuwe ukuthi uzithathele isinqumo ngokuthi ucabangani.
Kungokokuqala ukuthi ifike namalambu angamaLED ongadingi ukuthi uwengezele imali. Amalambu angamaLED uyawafica futhi nangemuva. Uma uthanda ukwazi ukuthola izicabha ezivuleka zombili ebhuthini okanye esisodwa esiphakama siye phezulu.
Ngaphakathi ufica i-touchscreen infotainment system engu-13 inch oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto okungezinye zezinto ongazengezeli mali. Okunye ngamabhathini esiteringini, electronic parking brake, digital instrument cluster, idunyiswa ngebhathini, iyakusiza ukuhlala emzileni, iyasho uma izoshayisa futhi ibhreke nokunye.
Ubude bayo kunendala kwenza ibe nesikhala esithe xaxa kunendala iT6.1. Uma uthanda ukhetha ene-wheelbase emfishane okanye ende.
Ubukhulu bayo benza isikhala sokulayisha naso sande njengoba isilayisha 1.33 tonnes kanjalo nasokhakhayini basinyusile nesisindo somthwalo ekwazi ukuwuthwala sesingu-170kg sisuka ku-150kg. Izihlalo uyakwazi ukuzikhipha uma uthanda kodwa aziphenduki zibheke emuva.
Isikhala uma ubona sengathi siyashoda usukwazi ukudonsa inqola engu-2.8 tonns njengoba phambilini ibidonsa 2.5 tonns.
I-VW Transporter entsha inyathela ngamasondo anamarimu angu-17 inch
Image: Sithunyelwe
YiKombi Life esichithe nayo izinsuku ezintathu ngesikhathi yethulwa kuleli sonto.
Ngibone kuhlaleka ngokukhululeka ngisho nasezihlalweni zangemuva eziyisikhumba futhi ebezizwakala zintofontofo.
Ngithande ukuthi izindawo zokushaja awuzisweli njengoba zikhona phambili, phakathi nendawo nangemuva.
Ngaphansi kwebhonethi kunenhlobo eyodwa yenjini ehlukene ngamandla. Ingu-2.0 litre four-cylinder turbo-diesel. Kukhona enamandla angu-81kW, 110kW okanye angu-125kW. U-gearbox uyi-6 speed manual noma i-8-speed automatic. Zidonsa ngamasondo angaphambili okuzothi kungekudala kulandele ezidonsa ngawo womane amasondo.
IKombi ebesihamba ngayo ibinamandla angu-125kW-ne-torque engu-390Nm. Le njini itholakala kuphela ngo-gearbox oyi-8 speed auto.
Besibane kuyo sisuka eGoli sagudla eMpumalanga saze saphelela eHoedspruit eLimpopo. Asigcinanga lapho ngoba siphinde saguduza iMpumalanga saze sabuyela eGoli ngosuku lwesithathu.
Engikuqaphelile kuyo wukuba ntofontofo kwayo ngisho uhleli ngemuva uma uyiqhathanisa nendala.
KwaVW bathi idla amalitha angu-8 ngo-100km nokuyinto ebukeka iyiqiniso ngoba ngosuku lokuqala emuva kokuhamba 448.9km ibidla 8.6l/100km.
Intengo:
2.0 TDI 81kW 4x2 Panel Van Manual LWB - R 770,000
2.0 TDI 125kW 4x2 Basic Auto SWB (8-seater) - R 1,081,700
2.0 TDI 125kW 4x2 Commerce Auto SWB (8-seater) - R 1,055,200
2.0 TDI 125kW 4x2 Life Auto SWB (8-seater) - R 1,116,800
2.0 TDI 125kW 4x2 EDITION Auto SWB (8-seater) - R 1,167,400
I-Panel Van ifika ne-warranty yeminyaka emibili, i-service plan yeminyaka emithathu noma u-60 000km. IKombi yona ine-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne-maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-60 000km.
Related Topics: