Ezemidlalo

IDowns ibalwa nahlomule kakhulu koweFifa

Mthokozisi Mncuseni|Published

YI-CHELSEA edle isicoco somhlaba, yagoduka nezindodla zemali okuyisimo esifanayo nakwiMamelodi Sundowns eyimele kahle i-Afrika kulo mqhudelwano osongwe ngeSonto, e-USA

Image: BACKPAGEPIX

IMAMELODI Sundowns iyikhanyise njengesibani i-Afrika kwiFifa Club World Cup esongwe ngeSonto e-United States of America (USA) kuchonywa uphaphe lwegwalagwala iChelsea FC yase-England, njengeqembu elinegunya lokuzibiza ngompetha bomhlaba eminyakeni emine ezayo. 

Ezika-Enzo Maresca zimangaze umhlaba zinqoba ngo 3-0 kwiParis Saint-Germain yaseFrance efike kowamanqamu ithwelwe ngeqoma ngeSonto ebusuku, eMetLife Stadium, eNew Jesrsey.

Nakuba kunedlanzana ebelingahambisani nalo mqhudelwano ngesikhathi uqala, likhala ngokubekwa kwempilo yabadlali engcupheni kodwa amaqembu abeyingxenye yawo ahleka wodwa ngenxa yezindodla zemali aphume nazo. 

Owalo nyaka umqhudelwano ubuhlukile kunojwayelekile kwazise abengu-32 amaqembu abebanga isicoco ebesihamba nezizumbulu ebezikhishwa ngokwezigababa kanjalo nangendlela amaqembu adlale ngayo.

IChelsea kufana nokuthi ibhukuda kuyona imali kwazise igoduke nesheke lika-R2.2 billion. Kunzima nokho ukuziba iSundowns okuyiyona ekhonyile kwabethunyelwe yi-Afrika kulo mqhudelwano. 

I-PSG eshaywe kowamanqamu, igoduke no-R1.8 billion kodwa iSundowns okuyiyona edlale kangcono kunawo wonke amaqembu abethunyelwe yiCaf, ivalele u-R220 million kwelayo iphakethe.

Njengoba iSundowns ibuye nesheke lemali engaphezulu kuka-R200 million, akubukeki likhona iqembu eNingizimu Afrika elingamelana nayo emakhethe yabadlali.

ISundowns ayizange igcine ngokuzifaka imali ephaketheni kepha ibuyise nesithunzi sayo ebholeni lase-Afrika njengoba kuyiyona eqede endaweni engcono kuwona wonke abethunyelwe yiCaf.

Leli qembu osekuphele iminyaka ecela kwengu-10 lagcina ukuqukula isicoco seCaf Champions League lizosizakala ekulungiseni amaphutha alo eminyaka edlule kwiChampions League kwazise lisala ekugcineni njalo.

Nangesizini edlule, iSundowns iphumelele ukuzifaka kowamanqamu kodwa kwathomba ukhiye sekufanele inqobe kwiPyramids FC yase-Egypt.

Ngokwemali emaqenjini ase-Afrika kwiClub World Cup, iSundowns ilandelwa yi-Al Ahly yase-Egypt, ES Tunis yaseTunisia, kugcine iWydad Athletic yaseMoroco.

ISundowns ilale endaweni ka-22 ngemihlomulo emaqenjini angu-32.

Emsileni kuvale i-Auckland City yaseNew Zealand egoduke no-R79 million ekubeni idlalelwa ngothisha nabasebenzi basebhange.