UMBEKEZELI 'TLB Mbokazi we-Orlando Pirates othishwa ukuba wukaputeni olandelayo kuleli qembu elisanda kushiywa wu-Innocent Maela obephethe lesi sikhundla
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Adbeslam Ouaddou, uhlabeke umxhwele ngoMbekezeli “TLB” Mbokazi kangangokuthi useze wakuveza ukuthi unezinhlelo zokwakhela phezu kwaso lesi sitobha kwazise sikhombisa izimpawu zokuba wumholi yize sisencane ngokweminyaka futhi sisisha nasesigabeni esikhulu.
Kusukela kuqinisekiswe ukuwagaxa emgibeni kuka-Innocent Maela obengukaputeni wePirates, umbuzo omkhulu owokuthi kubadlali abasele ngubani okuzovalwa ngaye lesi sikhala.
UMaela uyeka ibhola nje, vele isikimu ubengasasitholi njalo obekwenza ibhande likakaputeni kwiPirates linikwe abadlali abahlukene okubalwa kubona uNkosinathi Sibisi, Thapelo Xoki no-Olisa Ndah engakalimali.
Njengoba iPirates iseSpain lapho ezicijela khona ukuqala kwesizini entsha ngemidlalo yobungani, u-Ouaddou uyabashintsha abadlali abanika ibhande.
Ngemuva komdlalo wePafos FC yaseCyprus ababambane nayo ngo 1-1, u-Ouaddou uvule isifuba ngacabanga ukukwenza ngebhande likakaputeni.
Yize uMbokazi (19) esemncane ngokweminyaka kodwa ngokuka-Ouaddou ungomunye wabakufanele ukunikwa ibhande.
“Okuningi kuyamvuna (uMbokazi) ukuthi agcine ewukaputeni wePirates kwazise uvele ungomunye wabadlali abakhulu eqenjini ekubeni ewumsinsi wokuzimilela waseNingizmu Afrika,” kusho u-Ouaddou kwabezindaba ngemuva kowePafos.
“Indlela adlala ngayo ikhombisa ubuholi. Asifuni ukumjaha ngokuningi kodwa simbona njengomunye wabadlali esizokwakhela phezu kwabo njengoba kuzoqala isizini.
“Isizathu sokumnika ibhande emdlalweni odlule bekunenhloso kwazise besifuna ukuboba ukuthi uziphatha kanjani uma enikwe amandla.
“Konke ukwenze ngendlela kangangokuthi sihlabeke umxhwele sonke ngendlela aziphase kalula ngayo izivivinyo esimnike zona emdlalweni odlule."
U-Ouaddou ukhuluma kanjena nje, abadlali bakudala abasanda kukhuluma neSolezwe ngalesi sikhundla, uLucky Lekgwathi noTebogo Moloi, bambalile uMbokazi kubadlali okufanele kuvalwe ngabo isikhala sikaMaela.
Nakuba lezi zinkakha bezimbala kodwa bezingakushiyi ukuthi kule sizini ezoqala kumele kuqhubeke uSibisi noXoki kodwa bamsondeze eduze uMbokazi ngoba bambona njengokaputeni wakusasa wePirates.
UMbokazi ofike isiphakathi isizini edlule, ugile izimanga waze wabizelwa nakwiBafana Bafana. Uqokelwe umklomelo weNedbank Cup Most Promising Player of the Tournament kweyePremier Soccer League (PSL) yabenze kahle ngesizini ka-2024/2025.