NJENGOBA sekusondele isikhathi samaholidi ziningi izinto ezenziwa ngabantu uma bezijabulisa ezingashintsha kabi impilo yabo.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane, unxuse umphakathi ukuthi uqaphele ungazifaki ezinkingeni ngalesi sikhathi sokujabula.
Uthe isikhathi samaholidi kwabanye singafaniswa nesokwenza izinto eziwubuwula, okuyinto abantu okumele bazame ukuyigwema ngoba iphutha ongalenza ngalesi sikhathi lingashintsha impilo yakho yonke.
Uqhube wathi ngaphambi kokuthi kuqale amaholidi ufisa ukukhumbuza umphakathi ukuthi uma ungazinakekelanga, waya ocansini olungavikelekile, ungakhulelwa ungakuhlelele.
"Kumele abantu basebenzise izinsiza zezokuzivikela uma beya ocansini, ukuze kugwenywe ukuba khona koVelaphi noPhuthaliyenzeka. Lesi sikhathi ngesokuthi uhlale phansi ucabange, uhlele ozokwenza ngamaholidi, ugweme ukwenza amaphutha enzeka ngesikhathi samaholidi,” kuxwayisa uNgqongqoshe.
Uqhube wathi ngesikhathi samaholidi bayanda abantu abangeniswa ezibhedlela belimele, abanye babo basuke bebandakanyeke ezingozini ezidalwe wukushayela bephuzile.
"Abanye abantu sebeqalile ukusebenza izinsuku ezincishisiwe ngoba umsebenzi awusemningi, abanye bathathe ikhefu emsebenzini, okubanikeza isikhathi esithe xaxa sokuzithokozisa ngotshwala. Siyacela ukuthi abantu baphuze bazikalele, ukuze bagweme ukugcwala kwezikhungo zempilo ngenxa yezingozi nokulimala kwabantu ngenxa yodlame, oludalwe wukuthi abantu baphuze ngokweqile," kusho uNksz Simelane.
Uqhube wathi amakhondomu nezinsiza zokuzivikela kuhlale kukhona emitholampilo nasezikhungweni zempilo nangesikhathi samaholidi.