UKULALELA umakhelwane owamcebisa ngamathuba okuchuma uma eqala ibhizinisi eligxile kwezenhlanzeko, iyona nto eyasiza uNkk Sithabile Mncwabe wathola ithuba lokuchuma kwezamabhizinisi, njengoba manje esenebhizinisi aphila ngalo.
UNkk Mncwabe waseClermont, eThekwini, uwumnikazi weSithandokuhle Holdings, inkampani ayiqale ngo-2018, eyenza umsebenzi wokuhlanza okungaba wukugunda utshani, ukunquma izihlahla, ukukhuculula ukhula ezingadini nokunye okunjalo.
“Ngangikade nginebhizinisi lokufaka izinsimbi zokufakelwa, kwathi ngokuboniswa womunye womakhelwane bami, ngabona imakethe engangingayinakile ngaqala leli bhizinisi, ngibambisene naye, nangempela lachuma njengoba ayeshilo.
“Ngaleso sikhathi ngangisebenza kwenye yezinkampani zezokuphepha, okwakungemnandi neze ukusebenza kuyona ngenxa yempatho yabaphathi bakhona. Yingakho kwathi uma ngibona ukuthi ibhizinisi lami elisha liyachuma, nganquma ukuyeka leli lezinzipho, futhi ngagcina ngishiya nasemsebenzini ukuze ngigxile kulona ngoba umsebenzi usumningi,” kusho uNkk Mncwabe.
Eqhuba, uthe leli bhizinisi aliqala ngoR1 400 athenga ngawo umshini wokugunda, selithela izithelo impela manje njengoba eseziphilisa ngalo, futhi selinabasebenzi abayisikhombisa.
“Ukuzikhandla iyona nto engisize kakhulu, njengoba ngenkathi ngisaqala bengiziyela mina kubantu, ngicele ukubenzela lo msebenzi, futhi ngasizwa nawukuthi ngikhule ngivele ngikhonze ukutshala, okwenze kwangaba lukhuni ukwenza lo msebenzi ngoba ugxile kwezenhlanzeko, okuyinto engiyithandayo. Manje senginamakhasimende ezinkampani ezinkulu, okukhona kuzona iToyota Tsusho ne-Green Metals, esinesivumelwano sokubenzela lo msebenzi, singenise imali esimamisa ibhizinisi,” usho kanje.
Uthe nakuba umsebenzi uhamba kahle kodwa nezinselelo ziba khona, okukhona kuzona inkinga yamakhasimende angezwani nokukhokha, ahlale efuna ukwenzelwa umsebenzi ngezaphulelo.
“Enye futhi inkinga eba khona wukuthi kuyenzeka abasebenzi bengawuqedi umsebenzi ngesikhathi esifunwa yikhasimende, okuphoqa ukuthi ngibuye ngizibambele ukubalekelela, futhi ngiqinise isandla ukuze izinto zisheshe,” kusho yena.
UNkk Mncwabe uthe babiza kusuka kuR500, kuye ngokuthi umsebenzi odingwa yikhasimende ungakanani. “Inhloso yethu wukwandisa amakhasimende ezweni lonke, sibe yinkampani ethenjwayo yemisebenzi yokuhlanza,” kusho uNkk Mncwabe.