Uthando lwebhizinisi lusheshe lwaziveza entombazanyaneni enguKwanele Sithole (13), umsunguli weK.S Collection. Ivule ibhizinisi lokuziphaqulula eNewcastle, enyakatho naKwaZulu-Natal.
Isolezwe lixoxe noNksz Mbali Sithole (36), unina wentombazane efunda uGrade 7, esikoleni iChelmsford Primary. UNksz Sithole waseMadadeni, uthe uKwanele wayeneminyaka eyisishigalolunye ngenkathi beqala ibhizinisi. Uthi kwakusabhoke iCOVID-19 eyaholela ekutheni kuvalwe izwe ukuvikela ukusabalala kwayo.
“UKwanele wangitshela ukuthi ufisa ukuba nebhizinisi lemikhiqizo yokugcoba uma esekhulile. Ngamcebisa ngokuthi sisebenzise uYouTube ukuhlwaya ulwazi lokwenza into ayifunayo, saqala kanjalo sithekela ulwazi olumlekelele ukuqala ibhizinisi lakhe ngo-2020,” kuchaza uNksz Sithole.
Eqhuba, uthe basebenzise ulwazi abaluthola lapho ukwenza umkhiqizo wokugcoba umlomo i-lip balm, wabamba iqhaza elikhulu ukusiza indodakazi yakhe ekutheni ibhalise ibhizinisi. Ngokusho kwakhe uyayisiza ekutheni yonge imali eyenza ngokudayisa umkhiqizo wayo ngoba isencane, ayikavumeleki ukuvula i-akhawunti yasebhange futhi isafunda esikoleni.
“Okwamanje uKwanele ugxile ekumaketheni ibhizinisi futhi ngihamba naye - azikhulumele uma kukhona lapho esiya khona ukuyokhuluma ngebhizinisi lakhe. Uyakwazi ukuhlanganisa imikhiqizo esiyisebenzisa ukwenza umkhiqizo esiwudayisayo manje,” usho kanje unina kaKwanele.
Uqhube wathi okwamanje amakhasimende abo amaningi aseNewcastle, namaphethelo, kubalwa nenye ikhemisi esendaweni abayidayisela umkhiqizo wabo. Wachaza ukuthi basebenzisana nohlaka olufukula osomabhizinisi abasafufusa iSEDA (Small Enteprise Development Agency), ukubacushisa ngamasu okuchumisa ibhizinisi.
“Sihlela ukwethula i-lip gloss ungakapheli lonyaka futhi sesiqalile ukuxhumana nabeSEDA ukuthi basihlolela umkhiqizo wethu, okuzothi uma iwuphasisa siwudayise ezitolo ezahlukene,” usho kanje uNksz Sithole.
Nakuba izinsuku zingafani ebhizinisini, uNksz Sithole uveze ukuthi kuyenzeka benze uR3 500 kuya kuR5 000 ngenyanga.