KUYIPHUPHO lanoma yimuphi umuntu wesifazane, uma ekhula, ukubopha ifindo likasofasilahlane nendoda yamaphupho akhe eseseminyakeni yama-20s.
NakuNkk Thulile Diane Mgoza-Zulu (47) yayigcagcele esokeni kuye ngesikhathi eshada nosomabhizinisi waKwaDabeka, uDkt Musa Zulu.
Izihlathi zazivakashela amadlebe nakubazali bakhe ngesikhathi bebona kufezeka iphupho lakhe leminyaka.
Leyo njabulo yashesha yashabalala okwamazolo ebona ilanga kuNkk Mgoza-Zulu ngesikhathi izinsuku zifica amasonto, amasonto efica izinyanga nezinyanga zifica iminyaka kodwa dololo umntwana kuye.
Uthe kwaqala kwaba muncu emshadweni wakhe ngesikhathi kuphela iminyaka singahlali isisu kuye.
Okwalandela lapho kwaba yizinhlamba ezihlukahlukene, okubalwa kuzo nokubizwa ngenyumba.
"Yize kunjalo, umyeni wami waqhubeka nokungeseka futhi singena siphuma naye kubalaphi bendabuko nabasentshonalanga.
Emuva kweminyaka eminingi, odokotela bagcina betholile ukuthi angisiyo inyumba kodwa nginenyama evimbe esibelethweni sami, enqanda ukuba ngikhulelwe."
Uthe wathola lapho ukuthi unesimila esibizwa ngama-fibroids.
UNkk Mgoza-Zulu uthe ulwile impela nalesi simila kwaze kwaba siyanqotshwa. Emuva kweminyaka ewu-20, uqalile ukubamba maqede wabusiswa ngabafana abangamawele, u-Ayabonga no-Abongile asebeneminyaka ewu-5.
Muva nje, usanda kubusiswa ngendodakazi, uNandipha Zulu oneminyaka emibili.
Uthe ngenxa yokuthi akafuni abanye abantu besifazane abaseza ngemuva kwakhe badlule kulobu bunzima ake abhekana nabo, ube esesungula inhlangano iThuli's Foundation ahlose ngayo ukuhambela abesifazane basemakhaya ukuze abaqwashise ngama-fibroids.
Uthe kungaba yintokozo enkulu kuye uma engasebenzisana nomasipala abahlukahlukene, uMnyango wezeMpilo nowezokuThuthukiswa koMphakathi kulo mkhankaso.
"Okungenza ngijahe ukuhambela abesifazane basemakhaya ukuthi kunenqwaba yemishado ebhidlizwe ngama-fibroids. Kunomamezala abachashwe ngezinhlamba besolwa ngokuthakatha omalokazane bakwabo. Kunezimbuzi nezinkomo ezigingqiwe ngoba kusolwa ukuthi kunamadlozi ahlezi esinqeni sikamakoti kanti ngamampunge kodwa umakoti unama-fibroids."
Njengamanje uNkk Mgoza-Zulu ukhomba ngophakathi nomyeni wakhe nezingane zabo esithabathabeni somuzi osendaweni yabadla izambane likaPondo eMhlanga.
Le ntokazi eyazalelwa eClermont kodwa yakhulela elokishini KwaDabeka D, e-Italy, ingomunye wosomabhizinisi besifazane abahlonishwayo eThekwini.
Okwenza uNkk Mgoza-Zulu angaconsi phansi kubantu abaningi ukuthi ukukhonzile nokutakula imindeni edla imbuya ngothi ngenzuzo ayithola ngamabhizinisi akhe.
Emuva kokuphothula uGrade 12 eZiphathele High, eClermont, uNkk Mgoza-Zulu, wafundela ukupheka futhi nokuba wumsiki wengqephu kwesinye isikole esidumile eThekwini, ngaphambi kokuqeqeshwa kabanzi ngokwelapha ngamakhambi esintu esikhungweni semfundo ephakeme esibizwa ngaBelaphi Bendabuko Institution, okuyilapho aphuma khona nejazi lobudokotela besintu.
Esephothule izifundo zakhe, uNkk Mgoza-Zulu ube esengena emkhakheni wokwelapha nowamabhizinisi.
"Ngikhulele emndenini wosomabhizinisi njengoba ugogo nomkhulu kade benamabhizinisi nezitende ebebeqashise abantu kuzo futhi benezitolo."
Uthe ugqozi nofuqufuqu lokuba wosomabhizinisi waluthola lapho kanti futhi uzoshada nomuntu ongusomabhizinisi. Uthe umyeni wakhe ubambe elikhulu iqhaza ngokumeseka ukuze agcine ezimele.
"Amabhizinisi enginawo kuyimanje, iMaz Beauty okuyibhizinisi lama-cosmetics. Kube ibhizinisi lamaloli elaziwa ngokuthi Inqama Couriers, okuyimanje senginamaloli amahlanu. Amaloli enginawo ngama-Horse and Trailer futhi awu hlobo lakwaMan Diesel."
Uthe njengamanje usevule inkampani ebizwa ngokuthi Umbomboshe Omnyama njengoba esengene nasekwelapheni ngokwendabuko.
"Imikhiqizo yami iyatholakala ezitolo zakwaBeauty Zone, Motala Pharmacy, Sparkports Pharmacy nasezitolo zakwaMaz Herbal Products."
UNkk Mgoza-Zulu usengene nasebhizinisini lokudayiswa kwezindlu njengoba naye eseqashisa ngama-flats aseThekwini naseGoli.
"Amabhizinisi ami enza kahle kakhulu njengoba nginezisebenzi eziwu-20 okwamanje sezizonke.
Kuyangikhuthaza ukubamba iqhaza ekuthuthukiseni umnotho ezweni lakithi nokulima indima enkulu ekusunguleni amathuba emisebenzi njengoba sekunabantu abondla imindeni yabo nabafundisa izingane zabo ngenxa yami."
Esephetha, uNkk Mgoza-Zulu ubonge kakhulu umyeni wakhe nabazali bakhe ngomkhulisa nangokumeseka.