ISIKO noma umkhuba wokusikwa kwabesifazane ezithweni zabo zangasese, udala izinkinga eziholela ekutheni bangakwazi ukuzibelethela uma bekhulelwe.
Inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), ithi babalelwa ku-200 million abantu besifazane abasikwe izitho zangasese okwaziwa nge-Female Genital Mutilation (FGM) abaphilayo emhlabeni. Kuvela ukuthi bangaphezulu kuka-300 million abasengcupheni yokwenziwa lo mkhuba.
Lo mkhuba noma isiko lenziwa ngenhloso yokuthi owesifazane adonswe ingxenye ethile yesitho sakhe sangasese. Kuvamise ukuthi kube izindebe zaso, zisikwe kwabanye zithungwe ngoba kuthiwa kwenzelwa ukuthi ajabulise umyeni wakhe uma sekufike isikhathi sokuthi aye ocansini. Kokunye kwenzelwa ukuthi kubonakale ukuthi umsulwa ngokuthi sithungwe sivalwe isitho sangasese. Uma sekufike isikhathi sokuthi aye ocansini siphinde siqaqwe.
UDkt Marise Subrayan weWits University, wenze ucwaningo olubheka ukwanda kwabantu besifazane abenziwe lolu siko eNingizimu Afrika.
Ucwaningo lwakhe ulwenze ngo-2022 waluphothula ngonyaka odlule. Uthe ususwe ukuthi ngesikhathi ebelethisa owesifazane odabuka eNorth West Afrika owenziwe iFGM, kwesinye sezibhedlela esiseGoli, kwashona ingane ngenxa yokuthi yagaxeka enyameni esikiwe, yahluleka ukuphefumula yaze yashona. Odokotela behluleka ukumsiza ngoba umndeni wenqaba ukuthi ahlinzwe ngenxa yenkolo yawo.
"Leli siko alenziwa ngabantu baseNingizimu Afrika kodwa balithatha kubantu bakwamanye amazwe abafika kuleli bezokhosela ngezizathu ezehlukene. Singodokotela baseNingizimu Afrika sizithola sineziguli ezinenkinga ngenxa yaleli siko esingaliqondi kahle ngenxa yokuthi alilawulwa kuleli. Abanye abafika nalo basuke belifunde kwamanye amazwe alenzayo bafike baqhubeke nalo noma sebekuleli yize lingenziwa emazweni abo," kusho yena.
Ocwaningweni alwenzile, uthe kuvela ukuthi lwenziwa emantombazaneni esemancane. Uthe amanye enziwa eseneminyaka engu-15 ngesikhathi ethomba.
USolwazi Ngianga Bakwin Kandala weWits School of Public Health, uthe emphakathini lapho leli siko lenziwa khona lithathwa njengesikali noma indlela yokuhlunga abesifazane abamsulwa.
"Uma owesifazane enze leli siko usethubeni elihle lokuthi agane. Kutholakala ukuthi unethuba lokuthi akhulelwe kalula futhi lokhu kwenza ukuthi umyeni wakhe ahlale enamathele kuye angamshiyi, ngoba inyama esikiwe noma ethungiwe kunenkolelo yokuthi imjabulisa ngokwedlulele uma beya enkonzweni yasekamelweni. Alenzelwa izizathu zezempilo futhi abalenzayo abanandaba nemiphumela yezempilo abakubhekile inhlalakahle emphakathini," kuchaza uSolwazi Kandala.
I-WHO ithi izinkinga zezempilo ezidalwa iFGM, ukunamathela kalula kwamagciwane emgudwini womchamo. Okunye ubuhlungu uma owesifazane echama, ukuluma kwesitho sangasese, ukuphuma koketshezi, izinkinga zokuya esikhathini ezihlanganisa ubuhlungu uma besesikhathini, ukukhula kwenyama lapho besikwe khona okwaziwa nge-keloids, ukuhlaselwa izinkinga uma bebeletha okungukopha kakhulu, ukubeletha ngokuhlinzwa nesidingo sokuthi ingane iphefumuliswe ngemishini uma isibelethiwe. Okwenza iphefumuliswe ngemishini ukuthi isuke incisheke umoya ngoba inyama engaphakathi esithweni sangasese isikiwe noma yathungwa ngendlela okungeyona eyemvelo.