UCHONYWE uphaphe lwegwalagwala eChina uNksz Azande Ndebele weShlobo Designs okuyinkampani eyenza izikhwama zesikhumba nobuhlalu eseThekwini.
UNksz Ndebele (44) ubuye nendondo yethusi embukisweni wamabhizinisi obizwa nge-China-Asean Expo (CAEXPO).
Utshele Isolezwe ukuthi uthole ithuba lokuyokhangisa ngezikhwama zeShlobo Designs nobuhlalu kwiTrade & Investment KwaZulu-Natal (TIKZN) okuyinhlangano yaKwaZulu-Natal esiza osomabhizinisi ukuba bakhangise imisebenzi yabo.
“Ngineminyaka eyisikhombisa ngenza lo msebenzi, ngiye ngangena ngaphansi kohlelo lokuthuthukiswa kosomabhizinisi abazokhangisa imikhiqizo yabo kwamanye amazwe olwenziwa yiTIKZN. Ngike ngaya eMozambique ngiyozikhangisa ngase ngikhethwa ukuthi ngiye kwi-CAEXPO. Ngithole ukuthi bekungokokuqala iNingizimu Afrika inikezwa indawo yokuzikhangisa kanti abantu abaningi bebezithanda izikhwama zami.”
Uthe ubebachazela ukuthi igama lenkampani yakhe lisho ubuhlobo kanti naye njengoba eseChina ubeyokhwakha ubuhlobo obuhle. Izikhwama zakhe zihlukile njengoba ezenza ngezandla esebenzisa isikhumba senkomo, esenyathi (buffalo) nesekudu.
Ubalule ukuthi ubuhlalu abusali ngoba buhlobisa yonke into empilweni futhi benza abantu baqale izingxoxo.
“Okungenze ngaklonyeliswa ngomklomelo wethusi wukuthi bengivakashelwa ngabantu abaningi abebefuna ukuthenga izikhwama zami nobuhlalu, abanye bebefuna ngisho ukuthenga imali yakuleli enesithombe senyathi ngoba bebefuna imali enesithombe sesilwane okwenziwe ngaso isikhwama abasithengayo.
Ngikwazile nokwakha ubuhlobo nezinkampani zaseChina ebezithanda ukuthi izikhwama zami zenziwa ngesikhumba sangempela ngezandla.”
Uthe ukuthola leli thuba kuzomsiza kakhulu ngoba usenama-oda amaningi okusho ukuthi uzokwazi ukuqasha abanye abantu besifazane abazomlekelela ukwenza izikhwama ezizodayiswa nakwamanye amazwe.
Uveze ukuthi kubalulekile kakhulu kuyena ukuthuthukisa abesifazane yingakho ebafundisa umsebenzi ukuze nabo bagcine sebekwazi ukuziphilisa ngokwenza izikhwama nobuhlalu.
Ugqugquzele abesifazane ngokuthi uma benikwe ithuba balisebenzise ngokugcwele ngoba ukuba akazange azikhangise eChina ngabe akayitholanga indondo namathuba amasha ebhizinisi.
Isikhulu esiphezulu seTIKZN, uMnuz Sihle Ngcamu sihalalisele uNksz Ndebele sisho nokuthi akamelanga kuphela iShlobo Designs kodwa umklomelo wakhe ngoweKwaZulu-Natal neNingizimu Afrika.
“Ngiyajabula ukuthi njengoba besiqala ukuya kwi-CAEXPO sibuye nendondo. Ngihlale ngisho ukuthi iKwaZulu-Natal inezinto eziningi engazikhiqiza. UNksz Ndebele ubeyingxenye yosomabhizinisi abawu-10 abakhiqiza imikhiqizo ehlukene okubalwa ukudla, utshwala, izimonyo (skincare), eyesikhumba nobuhlalu akade beyozikhangisa. Inhloso yethu wukuvulela osomabhizinisi balesi sifundazwe ithuba lokudayisa imikhiqizo yabo ezimakethe zomhlaba,” kusho uNgcamu.