‘KUYAKHATHAZA ukubona izinkampani ezithengisa impahla ngesikweletu zenza engikubona kuwukuphoqa amakhasimende ukuba athathe izikweletu ezincane ngaphambi kokunikwa izikweletu ezinkulu zezinto asuke ezidinga.’
Usho kanjalo uNkk Salem Nyati, wohlaka olubhekele ukufundisa amakhasimende ngokulawula izikweletu nokuphatha imali kahle e-Momentum Group, elandisa ngezinye zezinto akholwa wukuthi kumele zishintshwe ukuze abantu bakuleli baphume ezikweletini.
Engxoxweni neSolezwe, uNkk Nyati onamava eminyaka ewu-20 esebenza ezinhlakeni zezimali, uthe kuyiphutha elikhulu ukuthi izinkampani ezithengisa impahla noma ngabe eyaluphi uhlobo, zihlale zicebisa abantu ngokuthi benze isikweletu sento encane ngaphambi kokukwazi ukuthola impahla enkulu abasuke beyifuna.
“Lowo mkhuba wenza abantu bakithi bangakwazi ukuphuma ezikweletini, kugcine kuba yinto abaphila ngayo impilo yabo yonke. Angihambisani nokuthi uma kwenzeka ufuna ukuthenga imoto noma umuzi ngesikweletu, kuthiwe qala ngokuvula ikhadi lesikweletu esithile ngaphambi kokusizakala. Ngenye yezinto leyo engibona yenza abantu bahlale benezikweletu unomphelo, futhi engikholwa wukuthi kumele igcine ingasenzeki,” usho kanje.
Elandisa ngokwenza akhathalele indlela abantu abasebenzisa imali yabo ngayo, uthe wukuthi kwathi esemncane abazali bakhe baba nenkinga yokungakwazi ukukhokhela ifenisha yabo, okwaholela ekutheni kufike abanikazi bayo, bazoyidla, yacwila kanjalo.
“Ngenye yezinto eyenza ngabona ukuthi inkinga yezikweletu iyona nto ebuyiselana emuva kakhulu empilweni, kangangokuthi uma siqhubeka siyibukela kude nathi, uzoqhubeka ube mkhulu umonakalo ikakhulu kwabendlu emnyama,” kusho uNkk Nyati.
Ngaphambi kokujoyina i-Momentum nyakenye, uNkk Nyati, usebenze e-Credit Ombudsman kusuka ngo-2016, ekade esuka e-Transunion Credit Bureau ayeqale kuyona ngo-2005.
Uneziqu zobuntatheli zase-Damelin College, i-Bcom in Management ne-Management Development Programme, kokubili akufundele e-University of South Africa.
“Ngizimisele ngokusebenzisa wonke lawo mava nolunye ulwazi engisaqhubeka nokuluqoqa ngendlela ukuze ngisize abantu bakithi baphume enkingeni yezikweletu,” kusho uNkk Nyati.