UKUDLA ukudla okungagculisi uma besemihlanganweni yebandla lamaNazaretha eBuhleni, kuholele ekutheni basungule ibhizinisi lekhishi elingumahamba-nendlwana elidayisa ukudla emihlanganweni.
UNkk Nomnotho Dlamini-Mdadane, ongomunye wabanikazi bekhishi, iThe Ndlovu's Kitchen elidayisa ukudla okuphekwe ngendlela yesimanjemanje emihlanganweni yebandla iNazareth Baptist Church elidume ngokuthi ikwaShembe, uthe yena nozakwabo abambisene nabo ekhishini bangabesifazane abasebancane, ababona ithuba lebhizinisi.
Uthi kwesinye isikhathi ukudla okudayiswa ezinqoleni ezigxunyekwa uma kunemihlangano, kubuye kungavuthwa kahle ngoba kuphekwa sekuphuthunywa ngenxa yobuningi bamakhasimende.
"Inhloso enkulu yokuya emhlanganweni wukuyothandaza kodwa iqiniso wukuthi akekho umuntu othandaza elambile. Siyafika leso sikhathi lapho umuntu esethi ake athenge ukudla.
Ave kubuhlungu ukuthi uthenge ukudla, uthole ukuthi akuvuthiwe kahle, ikakhulukazi uphuthu. Sathatha isinqumo sokuthi sithi ukwehluka ngokuthi sipheke ngendlela yesimanjemanje.
Ekudleni esikuphekayo kukhona i-creamy samp esikhundleni sesitambu esijwayelekile esiphekwa ekhaya, isigwaqane esinongiwe, isitambu esinongiwe, sashintsha nendlela yokuphaka. Siphaka ngendlela yokuthi ukudla kuthi ngidle," kusho uNkk Dlamini-Mdadane ehleka.
UNksz Samukelisiwe Nkosi, naye ongomunye wabasunguli baleli khishi, uthe ngaphandle kokuthi babebona ukuthi ukudla abakuthengayo kwesinye isikhathi kuyakhombisa ukuthi kuphekwa kuphuthunywa, babona ithuba lokuthi nabo bathuthukise impilo yabo ngokuvula ibhizinisi.
"Singabesifazane nathi siyadinga ukuthi sizithuthukise ukuze sikwazi ukuzenzela izidingo zethu. Ikhishi silivule ngo-2020, enye inhloso yalo wukuthi sizenzele imali ngesikhathi sisemhlanganweni.
Sihamba imihlangano, sithi sisenkonzweni sibe sisebenza. Okusinikeza ithuba elihle ukuthi nathi singamaNazaretha, siyazi ukuthi uma kuyisikhathi esithile yikuphi ukudla okudliwayo. Kweminye imihlangano ayidliwa inyama yenkukhu nesinkwa esinemvubelo," kusho uNksz Nkosi
Uqhube wathi: "Imakethe uzivulela wena. Uma ungazi ungazitshela ukuthi amaNazaretha awazihlanganisi nokudla okuphekwe ngendlela yesimanje kanti akunjalo.
Bebengakudli ngoba bekungekho. Ngenyanga ezayo sizobe sisemhlanganweni kaMashi. Sizobe sikhipha unyawo ngoba kusuke kungekho ukudla esingakudli," kusho yena.
UNksz Snenhlanhla Ndlovu obuye asakaze kwi-Online TV, iBonani Pro Media, esakaza izindaba zamaNazaretha neZayoni, uthe ukuba yingxenye yekhishi kuveza elinye ikhono lakhe lokupheka.