LUTHELA izithelo ezinhle uhlelo lokufukula nokucathulisa abesimame abanesifiso sokuziqalela amabhizinisi obuhle kodwa bengenawo amandla nemali yokuwaqala.
Lolu hlelo lwenziwe ngomkhankaso owasungulwa ngo-2023 obizwa ngeSorbet-Preneur. Lwasungulwa yinkampani ethandwa kakhulu ngabesimame iSorbet ibambisane nebhange iBidvest Bank kanti lunikeze abasimame abathathu ithemba elisha lempilo engcono ngokubenza osomabhizinisi.
Ngalo mkhankaso kwamenywa abasebenzi abasezitolo ezehlukene zeSorbet abanesifiso sokuqala amabhizinisi abo. Laba basebenzi bagqugquzelwa ukuba bafake izicelo zabo bacacise ngokusobala zonke izinhloso zabo zokuqala amabhizinisi abo obuhle.
Kwahlanganiswa ithimba lamajaji okuyilona elakhetha abambalwa ababezoqhudelana bukhoma phambi kwamajaji benze izethulo zabo anduba kukhethwe labo abambalwa abazocathuliswa bafundiswe konke ngebhizinisi ngaphambi kokuba bathole uxhaso abaludingayo.
Nebala zafika izintokazi ezehlukene zashiyelana inkundla zizidayisa emajajini, kodwa zine kuphela ezashiya umsizilo ogqamile emajajini.
Imiphumela yathi uSharon Dikgale uyena ophume phambili eGoli wathola isitolo sakhe esithi yena iSorbet Salon L’Corro, uZimkita Yeki waphumelela eKapa ngesitolo sakhe iSorbet Salon Tokai, uPalesa Kouakou wagoqa konke eNorth West wathola iSorbet Salon Sun City.
Kule nyanga kwethulwe enye intokazi ephumelele nayo ethole esayo isitolo esifundazweni iKwaZulu-Natal. Le ntokazi isanda kwamukeliswa isitolo sayo eDurban North, eThekwini iSorbet Salon Broadway.