ABANTU besifazane kuyenzeka banake kakhulu izinkinga zabantu abasondelene nabo, bagcine bengazinakekeli izinkinga zabo.
Lokhu kushiwo uNkk Mpume Mbambo, ongumsunguli wenkampani iSambane Consulting, ehlele isigcawu sokubonisana nokucobelelana ngolwazi sabantu besifazane, lapho kuzobe kukhona ongoti abeluleka ngemali, ngezempilo nokubaluleka kokuqiniseka ukuthi uzihlela ngendlela eyenza ukuthi ukwazi ukusebenzisana nokuphila kahle nabanye abantu, (personal branding).
Isigcawu sizobe sihambisana nesidlo sasekuseni eMhlanga ngoMgqibelo ozayo (Feb 24).
Isigcawu sizobe singoMgqibelo ozayo. Kuzobe kuboshwelwe uDkt Carmen James owudokotela owelapha zonke izifo, obuye athande indlela yokwelashwa kwezifo kusetshenziswa amakhambi emvelo, uNksz Zamasomi Msomi ozobe echushisa abesifazane ngokuphathwa kwezimali noNksz Bervely Dias ozobe ekhuluma ngokubizwa ngePersonal Branding.
UNkk Mbambo uke wasebenza kwenye yezinkampani ezinkulu ezikhiqiza uphethroli ekwandabazabantu, uthe nyakenye le nkampani ibidiliza. Kulapho eqale khona ukulekelela abantu abesebenza nabo, ngokuthi yini abangayenza uma sebethole imali yabo.
Ngesikhathi ngenza lokhu ngibone ukuthi umthwalo omkhulu uba kubantu besifazane okuyibona abathwala umthwalo wokuqiniseka ukuthi bonke abantu basekhaya basesimeni esikahle. Ngesikhathi benza lokho kuyenzeka bakhohlwe ukuzinakekela bona baze baphathwe ukhwantalala, nalo bangalunaki. Ngendlela abanganaki ngayo abanaki ukuthi banokugcwala umoya esiswini, ukuphathwa ikhanda elingapheli nezinye izinto ezibaphathayo ezingasho ukuthi banokhwantalala. Yikho lokhu okwenze ukuthi ngifikelwe ukuthi kuhle singabantu besifazane sike sihlale phansi sixoxe ngokuvulelekile. Kungekona ukuthi sikwadokotela, sisebhange,“ kusho uNkk Mbambo.
Uqhube wathi ethimbeni alibophele, abesifazane bazobhema bakholwe.
UDkt James, uthe uzogxila odabeni lokuya esikhathini.
"Ziningi izifo nezinto ezithinta ukuya esikhathini komuntu wesifazane. Kunezifo ezidalwa wukuthi abasifazane abazinakekeli ngendlela noma abayiqondi imizimba yabo.
Engizoqala ngakho ukubafundisa wukuthi umuntu wesifazane ophila kahle uya ezinsukwini zakhe emuva kwezinsuku ezingaki, ukushintsha kwalezo zinsuku, ngifuna abantu besifazane bazi ukuthi akukho okubi ngokuya esikhathini.
Uma sebekuqonda ngizobe sengifaka izinto ezinjengokubaluleka kokuhlanzeka uma usesikhathini, izinsiza eziyizo okumele uzisebenzise uma usesikhathini. Ukopha kancane, ukopha kakhulu kungachaza ukuthi unesifo esithile, " kuchaza uDkt James