ININGI labantu abanesifiso sokungena emkhakheni wokushayela amabhanoyi besabela kude ngenxa yolwazi olungelona iqiniso.
UNksz Amile Mavimbela (23) waseMlaza, onelayisensi yokushayela amabhanoyi amancane, iPrivate Pilot License, uthi abantu abaningi banolwazi olungelona mayelana nokuthi ngumuntu onjani ongangena kulo mkhakha.
UNksz Mavimbela uthe kuningi okungelona iqiniso okushiwo ngabantu okwenza abanye bagcine bezibona bengafanele ukungena kulo mkhakha.
"Kuthiwa kumele ube mude, ungazifaki izibuko zamehlo. Amabhanoyi anezihlalo okwazi ukuziphakamisa uma umfishane, uma unenkinga yamehlo kumele ufake izibuko, ubone kahle. Mina ngiwufakazi walokho, ngimfishane futhi ngifaka izibuko zamehlo,“ kusho uNksz Mavimbela.
Le ntokazi ithi ayikaze izibone ishayela amabhanoyi, yayizifela ngokuba yiphoyisa, kwashistsha seyifunde ngalo mkhakha.
"Ngiwumuntu ongesabi, ohlale ezimisele ukufunda nozithandayo izinselelo. Ngikwazile ukuthola ilayisensi ngesikhathi esibekiwe manje ngiyaqhubeka sengifundela ukushayela amabhanoyi amakhulu,“ kuchaza uNksz Mavimbela.
"Kulo mkhakha ukwethenjwa kwakho ukuthola ngokuthi usushayele amahora amangaki. Amahora abekiwe angu-200 okuthi ukwazi ukuthola ilayisensi yokushayela ibhanoyi elikhulu. Ibhanoyi umshini obizayo, izinkampani azikwazi ukuthatha amashansi zikunike wona uma isipiliyoni sakho sisincane. Ukuzibeka ethubeni elihle lokuqashwa noma lokuheha izinkampani kumele ube namahora amaningi okuyiwo azosho ukuthi usumkantshububomvu," kusho yena.
UNksz Lisa Mahlaba (19) odabuka eMpendle, uthe into ephazamisa ukuthi uqede ngesikhathi ukuthi kuyabiza. Kuyenzeka umzali akhokhele ukubhalisa ufunde ubhale izivivinyo kuthi uma sekufanele ungene ebhanoyini angabe esaba nayo imali.
“Ubhalisa ngo-R25 000 kuya ku-R30 000 wokufunda izincwadi zakhona kuphela. Ukuze ukwazi ukungena ushayele ibhanoyi udinga ukuthi ube no-R150 000 kuya ku-R200 000 kuye ngokuthi ushayela luphi uhlobo lwebhanoyi. Ngabe sengiyandiza ngibanjwe ukuthi abazali basahlanganisa imali. Ngiyethemba kuyothi kuphela isikhathi esibekiwe esiyiminyaka emithathu ibe isihlangene. Okubuhlungu ukuthi uma ingahlangani ngizoqala phansi njengomuntu ongakaze afunde,” echaza.
UNksz Mahlaba uvumelene naye wathi okusizayo ukuthi uthole umfundaze, yena usizwe yiwo ngabe naye uhleli ngoba umzali ubesegawule zephuka.
UNksz Sisipho Mntambo naye osafundela ukushayela amabhanoyi amancane, uthe: “Siphila ngethemba lokuthi sizothola umfundaze noma abazali bazokwenza kwenzeke ngoba uma singalibala ukubala imali, singadikibala.”