UKUSEBENZELA izinhlaka ezahlukene zohulumeni basekhaya kwenze ngabona futhi ngaqaphela izimo nembangela yokuthi umphakathi wakithi ikakhulu owasezindaweni zasemakhaya ube nenkinga yamanzi, okwenze ngafisa ukuxazulula lezo zinkinga emphakathini ikakhulu owasezindaweni eziswele nezintula ulwazi lwezinto ezimqoka."
Usho kanjalo uNksz Sibongekile Madlopha, elandisa ngentshisekelo yokufuna ukubona abantu bonga futhi besebenzisa amanzi ngendlela efanele, nokuyisizathu esenze wenza iMaster's in Business Administration, ayiphothule eDurban University of Technology ngoSepthemba nyakenye.
Kulezi zifundo ubegxile esihlokweni esithi Factors Influencing The Provision of Water Services at Umhlathuze Local Municipality, lapho abebheka khona izinkinga eziholela ekutheni umphakathi ungabi namanzi anele ezindaweni ezahlukene okuzona, ikakhulukazi ezasemakhaya.
Uthe ekucwaningeni kwakhe uthole ukuthi iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe anenkinga yokushoda kwamanzi emhlabeni, nokuthi izinselelo eziholela kulokhu kubalwa isomiso nokungongi kwabantu amanzi okwenzeka mawala, bese kushaya kuezwele ohlelweni lokuklama nokuphakela amanzi emphakathini wakuleli zwe.
"Enye inkinga enkulu ekhona ngeyokuthi abantu bayakubalekela ukukhokhela amanzi okwenza ukuthi umthwalo ungehli ezinhlakeni zohulumeni ezibhekele ukuphakela amanzi emphakathini, nokuthi abantu abawongi sidalo amanzi futhi kubukeka kuyinto engabakhathazi nhlobo ukuthi ukuxhaxhaza kwamanzi kunamthelela muni. Umuntu uze aqale ukukhathazeka ngoba sekuqale uhlelo lokunqamula amanzi okumthintayo, kuyikhathi kuthi qwebu amehlo ngento abengakwazi ukuyigwema kusukela ekuqaleni," kusho uNksz Madlopha.
Ukhuthaze abantu ukuthi bangashayi ndiva uma bebona kunamapayipi avuzayo emakhaya abo nasezindaweni abakhe kuzona ngoba konke lokhu kuba nomthelela omubi ngokuqhubeka kwesikhathi.
"Kanjalo nezinhlaka zohulumeni ezibhekele ukuphakela amanzi emphakathi kumele zihlale zinakekela ingqalasizinda yokuphakela ngamanzi ukuze kugwemeke ukuphazamiseka kohlelo lokuphakela amanzi emphakathini, futhi kumele kwandiswe nezinhlelo zokufundisa abantu ikakhulu abasezindaweni zasemakhaya ngalokho ukuze kunciphe izinselelo ezinjena ezweni," usho kanje.
UNksz Madlopha udabuka eNkonjeni, oLundi, enyakatho yaKwaZulu-Natal. Unamava eminyaka ewu-18 ezinhlakeni ezahlukene zohulumeni basekhaya, egxile ezinhlakeni zokuphakela amanzi emphakathini.
Uneziqu ze-National Diploma in Accounting, Bachelor of Taxation, Postgraduate Diploma in Management Sciencess egxile kwiBusiness Administration bese kuzoba yiMBA. Kanti futhi usezinhlelweni zokuqhubekela kwiPhD ezogxila ezinkingeni ezihlupha umphakathi, ikakhulu inkinga yamanzi.