NJENGOBA siphume kuFebhuwari, inyanga eyaziwa ngokuthi ingeyothando neqhakanjiswa kakhulu ngabantu abasuke besebudlelwaneni bezothando, kuningi abakwenzile benzela ukuzijabulisa nokuqinisa ubudlelwano babo bezothando.
Okunye okwenziwa yizithandani ngalesi sikhathi wukuzithokozisa ngokocansi, okunye kwakho okusuke kwenziwa ngenhloso yokukhulisa kumbe ukwandisa umndeni ngezingane, ikakhulu kulabo asebeganene. Nokho ukwenza lokho akuhlale kulula njengoba kukhona izinto ezingaba yizithiyo, enkulu yazo ukungabi nanzalo, isimo lapho imizimba yomuntu wesifazane nowesilisa ingakwazi ukwenza umntwana yize ibandakanywa ocansini.
Ucwaninigo olwenziwe yisikhungo sezempilo esenza amakhambi alwa nezifo ezahlukene kubalwa ukungabi nanzalo, iNext Biosciences, ludalule ukuthi kuleli lizwe balinganiselwa ku-15% kuya ku-20% abantu abasebudlelwaneni bothando abangakwazi ukwakha umntwana. Inkinga enkulu ngalokhu wukuthi kwesinye isikhathi akucaci - yize sekuhlolwa imbala - ukuthi isuke idalwe yini.
Kutholwe nokuthi okunye okufana nokuthela upelepele esilondeni ngalokhu wukuthi kuleli lizwe kayenele imikhiqizo yokulwa nale nkinga, okwandisa izinselelo ezizamazamisa ubudlelwano kwabantu abathandanayo.
Umholi wophiko olubhekele izifo ezihambisana nokuzala kuleli iNext Biosciences, uNksz Ashleigh Bouguenon, uthe inkinga yalesi simo akumele izitshwe kepha kudingeka ukuthi wonke umuntu asukumele ukuyixazulula.
“Inhloso yethu wukwenza ukuthi abantu bangakwenqeni ukukhuluma ngokukhululeka ngalesi sifo nokuthi sibaphazamisa kanjani, bese kubekwa eqhulwini izindlela zokusinqoba ngoba ezimweni eziningi sisuke sizokwelapheka,” kusho yena.
Uthe kuyakhathaza ukuthi ukushoda kwemithi yokulwa nale nkinga yinto engabhekene neNingizimu Afrika kuphela, kepha nasemazweni ehlukene emhlabeni jikelele kukhalwa isililo esifanayo, ngenxa yokuthi izinkampani ezikuthengisayo zimba eqolo emikhiqizweni eyahlukene esiza ukunqanda lesi sifo.
UNksz Bouguenon uthe nakuba kunzima kanjalo bavele basebenzisana nezinhlaka zikahulumeni zezempilo nezinkampani zama-medical aid ukuzama ukuqhamuka nezindlela zokwehlisa umthwalo kubantu abadinga usizo olukhokhelwayo ngalesi sifo.
“Lokhu kungenza umehluko omkhulu ikakhulu uma nezinye izikhungo zezempilo zingenza ukuthi kube wumthwalo wazo ukuqinisekisa ukuthi kuba nezinhlelo ezifuze lezi ukubhekela ukuthi abantu abanenkinga basizakale kalula,” usho kanje.