UNKSZ Siphosethu Mzulwini, umnikazi weMakhosazane, ibhizinisi lemikhiqizo esiza abesifazane elizinze eThekwini
Image: SITHUNYELWE
“ZININGI izinto esizenzayo singabantu ezenza ukuthi kube lula ukungenwa amagciwane nokunye ukungcola okungadingeki esinyeni nasesithweni sangasese somuntu wesifazane, engibone kufanele kube khona engikwenzayo ukuzama ukunqanda ukubhebhetha kwalowo monakalo.”
Ushokanje uNksz Siphosethu Mzulwini, elandisa ngokuthi ibhizinisi lakhe, iMakhosazane, uliqale kanjani ngonyaka edlule, njengoba liqhubeka namanje liba wusizo ebantwini besifazane ngemikhiqizo ayidayisayo esiza ukuhlanza esingenzansi.
UNksz Mzulwini waseSikhaleni, kodwa manje osezinze eThekwini, uthe lo mbono wawuqala ngama-video ayevame ukuwenza ezinkundleni zokuxhumana ikakhulu kwiTikTok ukufundisa nokucebisa abantu besifazane ngokumele bakwenze ukuzigcina behlanzekile, esebenzisa ulwazi lwakhe lokwelapha ngemvelo.
UNKSZ Siphosethu Mzulwini, umnikazi weMakhosazane, ibhizinisi lemikhiqizo esiza abesifazane elizinze eThekwini
Image: SITHUNYELWE
“Yilapho okungicacele khona ukuthi abantu abaningi besifazane abazi futhi abaqondi ukuthi isinye nesitho sangasese kungcola kalula kanjani. Nokho ngakuthokozela ukuthi babe nomfutho nomdlandla wokufuna ukwazi nokuqonda kabanzi ngalokho, ngabe sengibona intuba yokuthi kube yibhizinisi elizoba wusizo kubona nakimina uqobo ngenzuzo yalo,” usho kanje.
Eqhuba, uthe umsebenzi awenzayo ulokhu uqhubeka nokuthela izithelo njengoba manje esenesitolo sakhe sa-online futhi usenamakhasimende koGoli, Limpopo nakwamanye amazwe imbala koZimbabwe naseSwatini - abathenga le mikhiqizo ka-R80 kuya ku-R200.
OMUNYE wemikhiqizo yeMakhosazane ewusizo kwabesifazane
Image: SITHUNYELWE
“Nokho nezinselelo zikhona nsuku zonke njengoba okwamanje ngisenza konke ngedwa. Lokhu kwenza ukuthi kube nzima uma nginomthamo omningi womsebenzi okusuke kudingeka ukuthi ngiwenzele amakhasimende awudingayo. Ngakho ngibheke ukuthi uma sengizinze kahle ngithole abantu abazongilekelela ukuphuthumisa umkhiqizo wethu,” kusho uNksz Mzulwini.
Mayelana nezinhlelo ngengomuso, le ntokazi eneziqu zokulingisa zase-African Film Drama Arts (AFDA)), ithe ihlela ukuqhubeka isebenzise ibhizinisi layo ukufundisa nokukhuthaza abantu ukukholelwa emikhiqizweni eyenziwe ngemvelo nesintu ukuziphilisa.
OMUNYE wemikhiqizo yeMakhosazane ewusizo kwabesifazane
Image: SITHUNYELWE
“Ngizimisele ngokuqhubeka ngibe wusizo ebantwini besifazane ukubagcina behlanzekile futhi bangahaqwa kalula yimimoya emibi engena nehlasela ngenxa yokungasinakekeli esingezansi, ngize ngaziwe yizwe lonke ngomsebenzi wami,” kusho uNksz Mzulwini.
Related Topics: